Lubhalwe nguLungani Zungu
Indlu engenamuntu enamagumbi amane esigcemeni sakwa-G eMlazi eningizimu yeTheku isiyindawo yokuhlala izixhwanguxhwangu ezisabisa umphakathi.
Abantu bakule ndawo sebebekezelele ukugconwa izigebengu iminyaka engaphezu kwemihlanu.
Izinto zashuba ngoNhlangulana nyakenye ngesikhathi izigilamkhuba zinukubeza ngokocansi ingane (7) ngesikhathi ibuya esikoleni samabanga aphansi iNkongozelo.
Ebambe izinyembezi unina wale ntombazanyana utshele i-Scrolla.Africa ukuthi usaphatheke kabi ngokwenzeka kwindodakazi yakhe.
“Babemi ngaphandle kwaleyo ndlu bekhombisa indodakazi yami izitho zabo zangasese,” kusho umama ongeke adalulwe igama ukuvikela indodakazi yakhe.
Kuthiwa umshayeli wetekisi wabona okwenzekayo waphuthuma wayovikela le ntombazanyana.
“Ngibonga nje ukuthi abazange bayidlwengule ingane yami,” kusho umama.
“Sekuphele iminyaka sikhala ngalezi zigilamkhuba kubaholi bomphakathi wendawo kodwa akukho okwenziwayo.”
Umama uthe wazama ukuvula icala kodwa kuthiwa amaphoyisa amtshela ukuthi abukho ubufakazi obanele obusekela izinsolo zakhe.
Selokhu kwenzeka lesi sigameko wenza isiqiniseko sokuthi indodakazi yakhe iphelezelwa umuntu uma iya esikoleni noma ibuya.
Ezinyangeni ezimbili kamuva ngoNcwaba, izigebengu zazama iqhinga elihlukile.
Bazama ukuyenga intombazanyana (10) engeke idalulwe igama beyitshela ukuthi inhle futhi bazoyinikeza amaswidi uma isingaphakathi endlini.
Le ntombazanyana ayizange iluthwe amagama ezigebengu futhi yabikela umama wayo ngokwenzekile.
Esikhundleni sokuvula icala lokudlwengula umama wentombazanyana ongayedwana wathuthela eSiphingo – esaba ukuthi izigebengu zizomhlasela uma evula icala.
I-Scrolla.Africa sivakashele “indlu yesihogo” ngoLwesine kodwa sangafica muntu.
Ngaphakathi egumbini bekunamajazi omkhwenyana asebenzile, izinsalela zensangu kanye nezingubo zokulala. Awekho amafasitela, ugesi kanye namanzi.
“Impilo yethu isengcupheni ngoba le ndlu ihlezi igcwele izigebengu. Abanye basuka khona lapha endaweni abanye akusibo abalapha,” kusho isakhamuzi uMsizi Thabethe.
UThabethe uthe indlu ibilokhu ingenamuntu selokhu kwashona umnikazi wayo ngo-2017.
Uthe indlela eseduze nale ndlu ayihambi muntu ebusuku ngoba izigebengu zihlezi zigebenga abantu.
Ikhansela lesigceme uMnu Khumbulani Cele uthe uzoya kule ndlu aqinisekise ukuthi lezi zigebengu ziyaxoshwa.
Uphinde wathi uzofuna abanikazi bayo.
Amaphoyisa endawo angagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba athe azosebenzisana nesigungu somphakathi endaweni ukuze kuboshwe izigilamkhuba.
Esithombeni esingenhla: Indlu engenamuntu eseMlazi kwa-G esetshenziswa izigebengu ezihlukumeza umphakathi.
Umthombo wesithombe: Lungani Zungu