Lubhalwe nguDalphine Tagwireyi
Inkinga yokungabikhona kwamanzi edolobheni elikhulu lase-Zimbabwe, kwaBulawayo sekudale inkinga enkulu njengoba impilo yeziguli ezigcwele esibhedlela isengcupheni.
Njengoba ompompi bomile imindeni ephelelwe yithemba iyaphoqeleka ukuthi ilethele abathandiweyo babo amanzi ngezitsha esibhedlela.
Ukuncipha kwamanzi emadamini kanye nokucisha kukagesi isikhathi eside kudale inkinga yokushoda kwamanzi embi kakhulu emlandweni waleli dolobha.
Isakhamuzi saseMganwini uMbuso Ncube uthe uphatha ibhodlela elingamalitha amahlanu amanzi uma evakashele umfowabo olaliswe esibhedlela eMpilo Central.
“Isimo sibi kakhulu kumele sithenge imithi edingekayo, silethe nezingubo zokulala kanti njengoba isimo samanzi sishubile sithwala amabhakede anamanzi uma sivakashela abathandiweyo bethu. Umfowethu ubuthakathaka akakwazi ukuzithwalela amanzi kanti nama-elevetor awasebenzi.”
Omunye wabasebenzi bakulesi sibhedlela uthe amanzi aseyigugu kakhulu kubantu kanti ezinye izakhamuzi sezithola imali ngokuwadayisa.
Isikhulu esiphezulu sasesibhedlela eMpilo Central, uDokotela Narcisius Dzvanga uthe “Asinayo indawo lapho sithola khona amanzi futhi uma izindawo zabantu abazimele zingawatholi amanzi nathi sibhekana nenkinga enkulu.”
“Sinama-boreholes amane esibhedlela sethu, kodwa ngeshwa awaxhunywanga kumapayipi asesibhedlela ngoba umkhandlu wakoBulawayo awuzange usivumele ukuthi sifake amanzi empompini.”
“Kunamathangi amaningi ojojo abekwe ngendlela efanele eduze kwesibhedlela naseduze kwamawodi isikhathi esiningi agcwaliswa ngama-bowsers noma amanzi ampompi, kodwa abanalutho ngoba vele amanzj asiwatholi.”
Umqondisi osabambile we-BCC ophikweni lwezobunjiniyela uMnu Skhumbuzo Ncube uthe isimo sibi kakhulu ngenxa yemvula encane.
“Sisalelwe izinyanga eziyisishiyagalolunye kuze kuphele unyaka. Ngakho-ke, umkhandlu kumele wenze isabelomali futhi uqinise imizamo yokuthola ezinye izindlela uma kubhekwa inkinga kagesi.”
Isithombe esingenhla: Ibhasi kanye ne-ambulensi yesibhedlela iMpilo Central
Umthombo wesithombe: Bulawayo Memories