Zikhathazekile iziguli ezinganakiwe ngenxa yesiteleka 

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Basengozini abesifazane abakhulelwe abalindele ukunikezwa usizo oluphuthumayo esibhedlela iDora Nginza e-Gqeberha njengoba ukuhlinzwa kwabo kumisiwe ngenxa yesiteleka sabasebenzi sokunyuselwa kwemiholo.

Umama okhulelwe okhungathekile ozibize ngo-Amanda utshele i-Scrolla.Africa ukuthi wesabela impilo yengane yakhe engakazalwa.

“Ngiyesaba kakhulu ngoba ngifike lapha ngeSonto futhi bekufanele ngiye etiyetha ngoLwesibili. Ngikhathazekile ngengane yami ngoba ngizobe nginamasonto angu-40 ngikhulelwe kule mpelasonto.”

Umhlengikazi ongathandanga kudalulwe igama lakhe uthe unqume ukuthatha ikhefu lokugula ngoba engafuni ukusatshiswa ngozakwabo abatelekile.

“Banodlame futhi bayaphuza njengoba bebhikisha. Angifuni ukuba yingxenye yalokhu. Nginqume ukuya kudokotela wami ukuze anginike izinsuku zokuhlala ekhaya. Abasivumeli ukuthi sisebenze, ngakho ngincamela ukulinda isiteleka ekhaya kunokuba ngisatshiswe. Bathukuthele kakhulu,” etshela i-Scrolla.Africa.

Khonamanjalo uMnyango wezeMpilo e-Eastern Cape uzigxekile izenzo zodlame nokusatshiswa kwabasebenzi ezenziwa ngamalungu e-Nehawu atelekile.

UNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke, uNomakhosazana Meth uthi izinyunyana ezine kweziyisihlanu azihambisani nesiteleka, wengeza ngokuthi kukhona ukukhathazeka ngokuthi amalungu azo ayasatshiswa futhi anqatshelwe ukungena ezindaweni zokusebenza.

“Siyakuqonda ukuthi abasebenzi banelungelo lokubhikisha, kodwa uma bekwenza lokhu akumele bahlukumeze amalungelo abanye. Ngeke sikwazi ukuba nesimo lapho impilo yeziguli nabasebenzi abangekho esitelekeni iba sengozini ngenxa yesenzo salabo abathathe isinqumo sokuteleka.”

UMnyango wezeMpilo e-Eastern Cape uthe akukho mgomo ozosebenza kubasebenzi basesibhedlela ababambe iqhaza.

UMnyango wezeMisebenzi yoMphakathi nokuPhatha uhlongoza ukunyuselwa amaholo ngo-4.7% kanti inyunyana ifuna u-10-12%.

Isithombe esingenhla: Abasebenzi abatelekile bebhikisha e-Gqeberha

Umthombo wesithombe: U-Anita Dangazele

Izihloko zakamuva