Zikhathazekile izakhamuzi ngokuphuza amanzi angcolile 

Lubhalwe nguKarabo Rammutla

Eminyakeni emibili edlule kwenzeka inhlekelele emijondolo emikhulu yase-Skierlik, ngaphandle kwaseMamelodi e-Tshwane ngesikhathi kutholakala izidumbu zabafana ababili beminza endaweni ewumgodi enamanzi ebuqamama.

Ngesikhathi kutholwa izidumbu zikaTony Moore (4) kanye noSiyabonga Mabila (7) ngosuku olulandelayo, umphakathi wafunga wagomela ukuthi ngeke uphinde uvumele inhlekelele enjengalena yenzeke ingakho bathatha isinqumo sokubiyela lendawo ewumgodi enamanzi.

Kodwa njengoba bebhekene nenkinga yamanzi ucingo selunqanyulwe izakhamuzi ezisuke ziyokha amanzi. 

Izakhamuzi zitshele i-Scrolla.Africa ukuthi bonke baphoqeleka ukuphuza amanzi angcolile aqhamuka lapho okwashona khona abafana ababili. Izakhamuzi zikhala ngoMasipala wase-Tshwane ongakaze ulethe amanzi emathangini endawo ezinyangeni ezimbili.

NgoMsombuluko ekuseni, amalungu omphakathi ase-Skierlik avale i-Bronkhorstspruit ngamathayi avuthayo nezingodo ebhikishela ukushoda kwamanzi. Idolobha lase-Bronkhorstspruit liyingxenye yase-Tshwane.

Omunye wababhikishi, u-Evans Makgoleng uthe bazovala umgwaqo nsuku zonke baze bathole amanzi.

“Ngisho nezilwane ezisesiqiwini i-Rietvlei zinamanzi angcono ngoba lezo zindawo zokuphuza zihlanzwa uMasipala wase-Tshwane, kodwa uyahluleka ukulethela thina amanzi. Okubi kakhulu akekho oke wazihlupha ngokusitshela ukuthi kungani bengasihlinzeki ngamanzi.”

Uthe akukho abangakwenza kumele bayokha amanzi kule ndawo okwashona khona abafana ababili.

“Kubuhlungu ukuphuza amanzi aqhamuka lapho okwashona khona abantu, kodwa akukho esingakwenza ngobasizofa ukoma uma singawatholi amanzi.”

Omunye umbhikishi uJohannes Malapane uthe uMasipala awunabo ubuntu.

“Abanandaba nokuhlukumezeka esadlula kukho ngesikhathi kugwiliza laba bafana ababili, kungekudala kuzoqubuka izifo bazobe sebegijima nokukhipha izitatimende ezingasile ngokuphuza amanzi ahlanzekile futhi okubuhlungu izingane zethu zisengcupheni yokuminza njengoba singawatholi amanzi.”

Okhulumela amaphoyisa esiteshini esiseduze sase-Boschkop, uSayitsheni Yeroboam Mbatsane uthe bavule umgwaqo base behlakaza isixuku ebesibhikisha.

UMbatsane uthe bekungakaboshwa muntu kulandela umbhikisho wamanzi ngoMsombuluko.

Okhulumela uMasipala uLindela Mashigo uthe bazophenya bese bebuyela ku-Scrolla.Africa.

Isithombe esingenhla: Izakhamuzi ebezivale umgwaqo e-Bronkhorstspruit zibhikishela amanzi

Umthombo wesithombe: UKarabo Rammutla

Izihloko zakamuva