Zihlalele ovalweni izakhumuzi zase-Afghanistan njengoba imithetho iya ngokuqina

Arthur Greene

Kubikwa ukuthi i-Taliban iyalele abanikazi bezitolo e-Afghanistan ukuthi banqume amakhanda onodoli abagqokiswa izimpahla ezitolo.

UMnyango we-Propagation of Virtue and Prevention of Vice e-Afghanistan ubike ukuthi ukuba khona konodoli akuhambisani nemithetho yamaSulumani

U-Aziz Rahman, osebenzela uNgqongqoshe, uchaze onodoli njengezithombe eziphambene nomthetho wamaSulumane.

Ngemuva kokukhishwa kwalo myalelo kube sekusabalala izithombe ezikhombisa owesilisa enquma amakhanda onodoli ezinkundleni zokuxhumana.

Ukuvinjelwa konodoli sekuvele kwasabalala ezweni lonke, nezinhlangano eziningi ezilwela amalungelo abesifazane ziveza ukuthi zikhathazekile ngodlame olubhekiswe kwabesifazane.

UMarzia Babakarkhail, umgqugquzeli wamalungelo abesifazane e-Afghanistan kodwa ozinze e-UK, utshele abe-Independent ukuthi.lokhu okwenziwa uhulumeni akwamukelekile futhi baziphathisa okwezingane ezincane. “Uhulumeni ohola izwe akumele aziphathe ngalolu hlobo. Lokhu kuveza isithombe nge-Taliban.”

“Uma i-Taliban ingabafuni onodoli, bamamukela kanjani owesifazane onephimbo e-Afghanistan.”

Iqembu lamasosha elaqala ukubusa ngoNcwaba lisebenzisa imithetho ukucindezela isizwe, ikakhulu inkululeko yabesifazane.

Abesifazane bavinjelwa ekudlaleni imidlalo, namantombazane avinjelwa ukuthola imfundo ephakeme uma eqeda esikoleni samabanga aphansi.

Ngenkathi ababusi base-Afghanistan beyalela ukuthi kunqunywe amakhanda onodoli besifazane, iqulu lamadoda eNkandla KwaZulu-Natali lishise indawo yokucima ukoma, licikwa ukuthi abasebenzi besifazane bagqoka iziketi ezifushane.

Umthombo wesithombe: @ziashahreyar

Izihloko zakamuva