Zihlalele ovalweni izakhamuzi zaseKhayelitsha ngenxa yodlame olwandayo lokubulawa kwabantu

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

I-Serious and Violent Crimes Unit ye-SAPS iphenya amacala amathathu okubulala ngemuva kwesigameko sokudubula emijondolo yaseSite C eKhayelitsha, eKapa, ​​kwashona abantu abathathu.

Okhulumela amaphoyisa aseWestern Cape uColonel Andre Traut ubike ukuthi abagilwa, owesilisa oneminyaka engu-26 ubudala kanye nabesifazane ababili abaneminyaka cishe engu-20 badutshulwe ngeSonto ebusuku ngezithuba zabo-8.20. 

“Amaphoyisa aphendule esigamekweni sokubulala athola isidumbu sowesilisa (26), ephaseji sinenxeba lokudutshulwa,” kusho uTraut. 

“Abesifazane ababili, nabo abadutshuliwe, batholakale emjondolo oseduze.”

UTraut uthe imbangela yokubulawa kwabo ibingakaziwa.

Isakhamuzi esinguSibongile Mdingana sizwile ukuqhuma kwesibhamu savele sakhathazeka ngokuthi kukhonake osebulewe. 

“Asisathukile. Abantu babulawa njengezimpukane. Kuyasidida ngoba asazi noma babulawelwa izono zabo noma bavele babanjwa endaweni engafanele ngesikhathi esingafanele,” kusho uMdingana.

“Akusiyona indawo yethu kuphela egcwele ubugebengu kodwa iKapa yonke. Abantu bayabulawa mihla namalanga. Ngizizwa ngingenamandla okunqanda ubugebengu obukhulayo. Asazi noma sizofika yini ku-2025. Njengoba izinto zimi kanje, noma ubani angabulawa noma yikuphi.”

Esinye isakhamuzi, esincamele ukungadalulwa sithe: “Abagilwa amaningi abangenacala balahlekelwa ukuphila kwabo ngenxa yabangane babo. Umuntu uzoba umngani nomuntu oqola imali kosomabhizinisi. Labo abaqoqa imali balwa njalo. Uma utholakala unabo, uyadutshulwa noma ungeyona ingxenye yabo.”

Uxwayise abantu bendawo ukuthi baqaphele ososeshini babo.

Amaphoyisa anxuse noma ngubani ongaba nolwazi ukuthi athinte iCrime Stop ku-08600 10111 noma asebenzise i-My SAPS app ukubika ngaphandle kokudalulwa igama.

Esithombeni esingenhla: I-tape yamaphoyisa endaweni yesigameko.

Umthombo: Ifayela

Izihloko zakamuva