Zihlalele ovalweni izakhamizi zaseKapa ngenxa yephunga legesi

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Bahlalele ovalweni emalokishini aseKapa njengoba kuzwakala iphunga elinamandla legesi elinuka emoyeni, nokuholele ekutheni izakhamuzi zicime izinto ezisebenza ngogesi ngenxa yokwesaba ukuqhuma.

Kusukela ngoMsombuluko, iphunga lihlasele umphakathi waseGugulethu. 

Abahlali noma abezimo eziphuthumayo abanolwazi lokuthi kudalwa yini.

ULusindiso Dlamngana waseGugulethu uqale ukuzwa iphunga legesi ngesikhathi egeza.

Ngokushesha wabheka izinto zakhe zikagesi, esola ukuthi kungenzeka ukuthi enye ishiywe ivuliwe ngenye yezingane zakhe kodwa iphunga ubelizwa ngaphandle naphakathi nohambo lwakhe lokuya enxanxatheleni yezitolo. Imibiko evela kwezinye izindawo, okubalwa iNyanga, i-Better Life, nakwaLanga iqinisekise izigameko ezifanayo.

UNosipho Mzana, osebenza enxanxatheleni yezitolo uqale wacabanga ukuthi iphunga lingase lidalwe amagesi ahlobene nomsebenzi wasezitolo.

Nokho uMzana usheshe wabona ukuthi iphunga alikho endaweni yabo kuphela. Iphunga selifinyelele ngisho nasezindaweni ezikude njengase-Dunoon.

Abahlali baqagela ngomthombo wale gesi, abanye bethi mhlampe iqhamuka ebhizinisini elidayisa igesi kodwa iphunga ligcwele emalokishini.

Izakhamuzi zithe idolobha laseKapa kumele lisebenzise izinsiza zalo ukuthola ukuthi yini edala iphunga njengoba bengasazizwa bephephile ezindlini zabo. 

Ukwesaba ukuqhuma noma imililo engaqubuka kwenze izakhamuzi zagwema ukusebenzisa izinto ezisebenza ngegesi.

Ngisho nababhemayo besaba ukuthi ugwayi wabo ungase wokhele umlilo.

Izakhamuzi zithi zizimisele ngokubuyela ekusebenziseni igesi uma iDolobha seliyitholile imbangela yephunga.

UJermaine Carelse, okhulumela abezicishamlilo eKapa, ​​uvumile ukuthi bathole imibiko eminingi ngephunga legesi elinamandla elivela ezindaweni ezahlukene.

“Naphezu kokuthumela amathimba ukuthi ayophenya ukuthi iphunga livelaphi, namanje imbangela ayikaziwa” kusho uCarelse.

“Siqinisekisa izakhamizi ukuthi isimo siqashwe ngeso lokhozi, kodwa okwamanje ukukhomba umthombo kube yinselelo.”

Esithombeni esingenhla: Gugulethu

Izihloko zakamuva