Zigwetshiwe izikhulu zamalayisensi ebezenza inkohlakalo 

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Izikhulu ezine zendawo yamalayisensi e-Standerton zinikezwe izigwebo ezinzima iNkantolo yesifunda sase-Middleburg eMpumalanga ngoLwesithathu.

UJoyce Selepe, u-Ida Mdluli, uThembi Mavuso noMduduzi Nkutha babekwe amacala amaningi okukhwabanisa ngezinsolo zokusebenzisa umkhonyovu ukuze bagweme ukukhokhwa kwemali enzima yelayisensi yezimoto, izikweletu namathikithi. Baboshwa kanye nezinye izikhulu ezine. Izindleko zenzuzo kahulumeni wesifundazwe saseMpumalanga zilinganiselwa ku-R4 million.

Lokhu kuza njengengxenye yomkhankaso wokulwisana nezenzo zokukhwabanisa endaweni yamalayisensi phakathi kuka-2013 no-2019.

Leli qembu kusolwa ukuthi lenze indawo edayisa izimoto zomgunyathi ukuze liqhube uhlelo lwalo.

Lezi zikhulu eziyisishiyagalombili zaboshwa ngoNcwaba ngo-2019.

INkantolo ithole laba abane benamacala kusukela kwamahlanu kuya kwangu-30 okukhwabanisa. Abasolwa abane abasele bazovela eNkantolo mhla ziyishumi kuNhlaba. 

USelepe uhlawuliswe u-R80 000 noma iminyaka emihlanu ebhadla ejele kanti neminye emihlanu ilengiswe eminyakeni emihlanu.

UMdluli ugwetshwe inhlawulo ka-R30 000 noma iminyaka emibili ejele, eminye iminyaka emibili ilengiswe eminyakeni emihlanu.

UMavuso uhlawuliswe u-R50 000 noma agwetshwe iminyaka emithathu ejele, eminye emithathu ilengiswe eminyakeni emihlanu.

UNkutha uhlawuliswe u-R30 000 noma agwetshwe iminyaka emibili ebhadla ejele, eminye emibili ilengiswe eminyakeni emihlanu.

Lesi sigwebo sakamuva siwukunqoba okubalulekile emkhankasweni wokuqeda inkohlakalo eminyangweni ekhipha amalayisensi kuleli.

I-Road Traffic Management Corporation yiyona ehamba phambili kuleli cala futhi isebenzisana kakhulu nezinhlaka zomthetho ukuqinisekisa ukuthi izikhulu ezikhohlakele ziyagwetshwa.

Uhulumeni wakuleli usungule izinhlaka ezehlukene ezilwa nenkohlakalo, njengoPhiko olukhethekile lwezophenyo kanye nethimba lokulwisana nenkohlakalo ukuqinisekisa ukuphenya nokushushisa amacala enkohlakalo.

Isithombe esingenhla: Ilayisensi yokushayela

Izihloko zakamuva