Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
- Izikole zasemakhaya KwaZulu-Natal zisize isifundazwe ukuthi siphumelele ngo-89.5% ngabafundi abenze ezifundeni ezihlwempu.
- Umfundi ohlakaniphile uthole o-distinction abayisikhombisa kanti isikole sezolimo sasemaphandleni sithole isibalo esiphezulu sokuphasa kwabafundi.
Izikole zasemakhaya KwaZulu-Natal zisize kakhulu ekutheni isifundazwe silale endaweni yesibili njengoba siphumelele ngo-89.5%.
Izifunda zasemakhaya esifundazweni iHarry Gwala kanye neZululand yizona ezihamba phambili, ngemiphumela encomekayo.
EMahlabathini High School, umfundi ophume phambili uSiphile Mazibuko uthole o-distinction abayisikhombisa, kwathi iJames Nxumalo Agricultural High School yasoLundi yaphasa ngo-100% ngaphansi kukathishanhloko uMzwakhe Dube.
Isifunda iHarry Gwala, okuyikhaya likaSihlalo we-AU Commission, uDkt Nkosazana Dlamini Zuma, sinyuse izinga lokuphasa lisuka ku-87.1% laya ku-88.9%.
IMeya yesifunda uZamo Nxumalo uncome wonke umuntu osize ukuthi kwenzeke lokhu.
“Lokhu kuyinkomba ecacile yokusebenza ngokuzikhandla nokuzinikela hhayi kubafundi kuphela kodwa nakothisha, othishanhloko, izigungu ezilawula izikole kanjalo nokwesekwa ngabazali,” esho.
Uphinde wakhuthaza abangenzanga kahle ukuthi baphinde bazame futhi wafisela abafundi balo nyaka inhlanhla.
“Sebenzani ngokuzikhandla niphokophele phezulu. Nikhumbule ukuthi imfundo iyisihluthulelo sempumelelo. Sinifisela konke okuhle emizamweni yenu yakusasa,” esho.
IKZN iphinde yahamba phambili ezweni ngama-bachelor kanye no-distinctions ngo-2024, okubonisa ukuthuthuka ngo-3.2% kusukela ngo-2023.
Esithombeni esingenhla: Uthishanhloko waseJames Nxumalo Agricultural High School, uMzwakhe Raymond Dubazane isikole sakhe esiphase ngo-100%, noSiphile Mazibuko waseMahlabathini High othole o-distinction bayisikhombisa.
Umthombo: Sithunyelwe