Zigcine ziboshiwe izigelegeqe ebezifunwa kakhulu e-Limpopo

Elmon Tshikhudo

Ngemuva kwezinyanga ezintathu kuhlaselwe kwaphinde kwagetshengwa isiteshi samaphoyisa sase-Malamulele, amaphoyisa ase-Limpopo agcine ebatholile ebenzi bokubi.

NgoLwesithathu amaphoyisa abophe izigebengu ezingamalungu eqembu lezigelekeqe elihlome kanzima ezeba izibhamu eziningi, okubalwa kuzo namavolovolo. Lezi zigebengu zimataniswa nobunye ubugebengu obungaphezu kuka-100 esifundazweni.

Amaphoyisa athole izibhamu ezebiwe, ezinye besezisulwe izinombolo zazo. Amaphoyisa aphinde ashaqa izimoto ezimbili ngesikhathi ebopha lezi zigebengu.

UKhomishana Thembi Radebe uthe babophe abasolwa abayisikhombisa kwabayishumi e-Bolobedu ngaphandle kwase-Polokwane kwathi abanye abathathu baboshwa endaweni yokulala e-Bushbuckridge.

Abasolwa abaneminyaka ephakathi kwengu-30 nengu-40 kuthiwa bebehlome kanzima futhi bebehlose ukuqhumisa i-ATM e-Mpumalanga.

“Singakuqinisekisa ukuthi sibophe abasolwa abayishumi saphinde sathola nezikhali ezebiwe. Sisathungatha abasolwa abangakaboshwa futhi siyethemba ukuthi bazoboshwa maduze,” kusho uRadebe.

Abasolwa babhekene namacala angu-117 okuphanga kuhlonyiwe kanye nawokubulala.

“Bazovela ezinkantolo zezimantshi ezahlukene e-Limpopo naseMpumalanga maduze,” esho.

Ngesikhathi kuhlaselwa isiteshi samaphoyisa uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnu Bheki Cele ubengabonwa nangokhalo futhi umphakathi ububona sengathi uwubukela phansi ngoba usezindaweni zasemakhaya.

UCele ugcine ehambele kule ndawo ngoZibandlela wanika umphakathi isiqiniseko sokuthi uzobathola abasolwa. Ukuboshwa kwalezi zigebengu kuyinduduzo emiphakathini elahlekelwe yithemba emaphoyiseni ngemuva kokugetshengwa.

“Sijabule njengomphakathi futhi lezi yizindaba ezimnandi impela,” kusho uLovers Mabasa ongumhlali wale ndawo.

“Bese silahlekelwe yithemba lethu emaphoyiseni futhi besihlezi sisovalweni njengoba izibhamu eziningi bezisezandleni zezigebengu. Sicela abaphathi bamaphoyisa bathuthukise isiteshi ngezinsiza nabasebenzi abangcono.”

Izihloko zakamuva