
Dylan Bettencourt
Yize kunemibiko yokuthi ukugqoka izifonyo kuyekiwe ezikoleni, kodwa abafundi basaphoqeleka ukuzigqoka uma besemagcekeni esikole.
NgoLwesithathu ebusuku uhulumeni umemezele ukwelulwa kwezinyanga ezintathu emithethweni yezempilo egxile ekugqokeni izifonyo, imibuthano kanye nezokuvakasha.
Imithetho eqhutsheziwe iqale ukusebenza ngoLwesine, kodwa kube nokudideka ezikoleni mayelana nokugqokwa kwezifonyo.
Isitatimende soMnyango Wezempilo kwiGazethi Kahulumeni sifundeka kanje “Mayelana nokugqoka izifonyo abantu kumele bazigqoke uma bengena endaweni evalelekile njengasemagunjini.”
Kodwa lokhu akusebenzi ezinganeni esikolenizesikole.
Kodwa-ke iGazethi ayizange ikhombise ukuthi izingane zesikole akusadingeki ukuthi zigqoke izifonyo.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo eyisiSekelo uMnu u-Elijah Mhlanga uthe basalindele ukucaciseleka ngoMnyangoeMnyangweni wezeMpilo kodwa kuze kube ileso sikhathi bazolandela imigomo ekhona.
Yize kusekhona ukudideka mayelana nokusetshenziswa kwezifonyo esikoleni uMnyango Wezempilo uthe izingane zidinga ukukhululeka lapho ezifundela khona.
“Sithatha izikole njengendawo yokufunda lapho sifuna izingane zikhululeke futhi zikwazi ukunyakaza ngokukhululeka,” kusho iPhini likaMqondisi-Jikelele woMnyango Wezempilo, uDokotela Nicholas Crisp.
“Kuhlale kuyinselelo ezinganeni ezincane ngisho nasezinganeni esezikhulile. Ngakho ukugqokwa kwezifonyo akusikhathazi kangako kuleyo ndawo.”
Ngemuva kokuphela kwesimo senhlekelele imikhawulo eminingana efana nokuhlolwa, ukugqokwa kwezifonyo ngaphandle kanye nokubika ngezingane ezitheleleke ngalolubhubhane eMnyangweni wezeMfundo yasuswa.
Njengamanje izingane ezineminyaka engaphansi kweyisithupha kuphela okungadingeki ukuthi zigqoke izifonyo eNingizimu Afrika.
Umthombo wesithombe: @CGTN