Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Abafundi baseNkombose High School eMtubatuba, KwaZulu-Natal abaphase ngamalengiso kamatikuletsheni bathi basizwe iziyalo zikathishomkhulu wabo ezenze bavele bakhohlwa umjolo kodwa baqinisa ezifundweni zabo unyaka usaqala.
Laba bafundi abangabangani abahlanu baphase ngo-distinction abasuka kwabahlanu kuya kwabayisikhombisa ezifundweni zabo okungezeSayensi nezibalo.
INkombose High School ibinabafundi abangu-140 kodwa kuphase abangu-131.
Omunye wabo uhlonishwe ezingeni lesiFunda uMkhanyakude okungelabafundi abayishumi abaphase kahle kunabo bonke ezikoleni zakulesiya siFunda esidume ngezinga eliphezulu lokukhulelwa kwabafundi.
UNokwanda Dube othole o-distinction abayisikhombisa uthe bebephila impilo yezincwadi bengazihlanganisi nalutho unyaka wonke ngoba bephokophelele ukuphumelela umatikuletsheni wabo.
“Uyabona nje uthishomkhulu wethu uZodwa Zwane wasiyala unyaka uqala ukuthi uma sifuna ukuphumelela asiyeke umjolo. Nathi samlalela ngoba siyazi ukuthi imfundo inesikhwele, ayifuni uyixube nezinye izinto. Yingakho sathatha isinqumo nabangani bami ukuthi asijoli unyaka wonke kodwa sibhekana nezifundo zethu,” kusho uNokwanda.
UNokwanda uthe wemukelwe emaNyuvesi ayisikhombisa kuleli kodwa ukhethe i-University of Witwatersrand (Wits) nalapho ayokwenza khona izifundo ze-Actuarial Science.
UNokwanda uphinde waba sohlwini lwabafundi abayishumi abenze kahle ezikoleni zaseMkhanyakude.
Omunye wabangani bakhe okunguNompilo Myeni uthi uthole o-distinction abayisithupha kanti uzofunda eNyuvesi yaKwaZulu-Natal (UKZN) nalapho ezokwenza izifundo ze-Pharmacy.
UNondumiso Khumalo uthi uthole o-distinction abayisikhombisa kanti naye uyokwenza izifundo zoMthetho (LLB) eNyuvesi yaKwaZulu-Natal (UKZN) ophikweni lwase-Howard College.
UMthandeni Msane yena uthole o-distinction abahlanu kanti uyokwenza izifundo ze-Bcom Accounting eNyuvesi yase-Johannesburg (UJ).
Omunye kube uLungiswa Ntshangase naye ofuna ukuyokwenza izifundo ze-Bcom Accounting kodwa usalinde iNyuvesi ezomphendula.
Laba bafundi bathi izifundo zabo bebeziphasa ngamaphesenti angu-90 kuyaphezulu.