Zibuhlungu izinhliziyo ngokushona kukaJustin

Dylan Bettencourt

Umcintiswano wesibhakela owadlala ngoNcwaba wagubuzelwa ifu elimnyama ngesikhathi uJustin Thornton eshawa waquleka ngemuva kwemizuzwana eyi-10 waphuthunyiswa esibhedlela, washona ngemuva kwezinyanga ezimbili.

Ngesikhathi lo mdlali we-MMA owayeneminyaka engama-38 equlekile, unompempe wamisa umdlalo. Abosizo oluphuthumayo bazama ukusiza, bebonakahle ukuthi ulimele kakhulu. 

Isitatimende esafakwa ku-Facebook mhla zingama-23 kuMandulo sathi ukhubazekile ngemuva komdlalo, owenzeka eMelika, kodwa uyalulama futhi usekwazi nokusho amahlaya. 

Noma kunjalo, mhla zi-4 kuMfumfu, uThornton usushiyile emhlabeni. 

“Sizwa ubuhlungu ngokushona komunye wethu, owawina i-BKFC 20 mhla zingama-20 kuNcwaba ngonyaka wezi-2021,” kusho uMengameli we-Knuckle Fighting Championship uDavid Feldman ebhale isitatimende. 

UMengameli uphinde waqhubeka wathi, yena nomndeni wezemidlalo bathumela amazwi enduduzo kanye nothando emndenini kaThornton esikhathini esinzima kangaka. 

UDillon Clercker, owayekumncintiswano noThornton ngalesi sikhathi equleka, uthe izindaba zokushona kukamngani wakhe zibuhlungu kakhulu. 

“Njengomdlali wesibhakela kuba nzima ukuthola izindaba ezinjengalezi engizizwe ekuseni ngisendleleni ngiyoziqeqesha. 

UMengameli we-Untimate Fighting Championship uDana White uthe ukushona kukaThornton kuveze ubungozi be-Knuckle fighting. 

“Okokuqala, ngabe wonke umuntu uthukile? Sengisho ngomdlalo oyingozi we-bare-knickle fighting? 

“Angisiye umuntu othanda lo mdlalo. Futhi ngicabanga ukuthi kumele sikhathazeke, njengoba sibona abanye bethu besuka lapha beya  lapha,” kusho uWhite kwingqungquthela yabezindaba. 

Umthombo wesithombe: @MARCA

Izihloko zakamuva