Zibhekene nenkinga yamanzi izakhamuzi zase-Harare

Dylan Bettencourt

Enkabeni yedolobha lase-Zimbabwe e-Harare abengekho amanzi izinsuku ezintathu njengoba indawo yokuhlanza amanzi ivaliwe.

Idolobha elinabantu abangu-1.5 million bekufanele libuyiselwe amanzi ngeSonto ngehora lesibili ntambama kodwa ukubambezeleka kwenze amanzi abuye ebusuku ngeSonto.

UMasipala wendawo umemezele ukuthi kuzovalwa i-Morton Jaffray Water Works ngempelasonto ukuze kuqhutshekwe nomsebenzi wokulungisa.

Umqondisi we-Harare Water uZivai Musikavanhu uthe ipayipi lidinga ukulungiswa ukuze likwazi ukukhipha amanzi.

“Ukuvalwa kwenzelwe ukuvumela usonkontileka wethu osebenza ohlelweni lokuvuselela i-Warren Control Pump Station ukuthi alungise ipayipi eliphakela amanzi e-DN1400 elihleli kabi endaweni yokukhipha i-chlorine ngaphambi kokungena endaweni yamanzi.

“Ngaphezu kwalokho bebematasa nokufakwa kwamavalvu e-DN1500 kanye ne-1000 tim butterfly reservoir kanti e-Warren Control bafake amavalvu amasha okumunca nokukhipha amanzi kwiphampu yesithupha, eyeshumi nanye kanye neyeshumi nantathu ukuze bakwazi ukukhipha nokushintsha,” kuchaza uZivai. 

Isiteshi sihlinzeka ngamanzi ezindaweni ezisentshonalanga naseningizimu lapho kuhlala khona iningi labantu basedolobheni.

Izakhamuzi zakwezinye izindawo zedolobha zithwele kanzima ngenxa yokuhlinzekwa kwamanzi ngezikhawu nokuyinto esaqhubeka.

“UMnyango uzophinde usebenzise leli thuba lokuvalwa kwesimo esiphuthumayo ukulungisa amapayipi amakhulu ukuze kunciphe ukulahleka kwamanzi atholakala kulolu hlelo,” kusho uMusikavanhu.

Nakuba bengenawo amanzi ompompi izinsuku ezintathu ezinye izakhamuzi zizamile ukuhlala ethembeni.

“Okubuhlungu ukuthi sebewalungisa kaningi amaphampu futhi akukho okushintshile emuva kokuthi befake la maphampu amasha.

“Sivele sabeka ithemba lethu emkhandlwini. Mhlawumbe lesi ngesinye isahluko sezinto abazihlinzekayo futhi silinde umphumela,” kusho uShavar Chikomba ongumgciniSihlalo wenhlangano ye-Zimbabwe National Organisation of Associations and Residents Trust.

Umthombo wesithombe: @TheNewYorkTimes

Izihloko zakamuva