Zibhekene nengwadla yokushoda kwezitokisi iziteshini zamaphoyisa e-Zululand

Celani Sikhakhane

Iziteshi zamaphoyisa kulo lonke elase-Zululand zibhekene nenkinga yokushoda kwezitokisi, okuphoqe amaphoyisa neziboshwa ukuthi zihambe amahora amaningi zifuna izitokisi zamahhala.

Abhekene nengwadla amaphoyisa esiteshini saKwaNongoma kusukela umnyango wezemisebenzi yomphakathi wathembisa ukulungisa izitokisi zawo eminyakeni eyishumi edlule.

“Amalungu ethu kufanele asuke KwaNongoma aye kwezinye izindawo eyofuna izitokisi ehamba nezigebengu eziyingozi kakhulu. Ezinye izigebengu ziyizinkabi eziyingozi ngohlobo oluyisimanga,” kusho elinye iphoyisa litshela i-Scrollla.Africa.

Uthe iziboshwa zithuthelwa ezindaweni ezahlukene okubalwa naKwaCeza okuyimizuzu engu-80 uma uhamba ngemoto.

Omunye umthombo uveze ukuthi le nkinga ibhekene neziteshi kulo lonke elase-Zululand.

Lesi simo sithinta iningi leziteshi zamaphoyisa lapha e-Zululand, njengoba umnyango wezemisebenzi yomphakathi wehluleka ukubhekana nenkinga yokulungiswa kwezitokisi zethu eziteshini eziningi zamaphoyisa lapha e-Zululand,” kusho umthombo ongathandanga ukudalulwa igama. 

Iningi leziteshi zamaphoyisa kwaZulu zisezindaweni zasemakhaya futhi zakhiwa ngesikhathi sobandlululo futhi zinezitokisi ezincane.

Iziphathimandla zamaphoyisa e-SAPS KwaZulu-Natali zithumele i-Scrolla.Africa ehhovisi likazwelonke lezemisebenzi yomphakathi ukuze bathole izimpendulo.

UMnumzane uThamsanqa Mchunu womnyango wezemisebenzi yomphakathi uthembise ukuthi uzoluphendula uphenyo lwe-Scrolla.Africa, kodwa akaphendulanga kusenesikhathi ukuze lushicilelwe.

Izihloko zakamuva