Zibhekene nengwadla izibhedlela zaseLimpopo

Lubhalwe nguNdivhuwo Mukwevho

Ukushoda kwamanzi, isibalo esincane sabasebenzi bezempilo, ukuntuleka kwezinsiza zezempilo ezibalulekile kanye nezihlahla ezikhulayo ezifukamela izinyoka ngezinye zezinselelo ezibhekene neziguli ezisebenzisa izikhungo zezempilo zikahulumeni e-Vhembe, e-Limpopo.

UMuladzi Ramaano, iPhini likaMengameli we-Health and Allied Workers Indaba Trade Union (Haitu), uthe uMnyango wezeMpilo esifundazweni ubenzela phansi abantu base-Limpopo.

“Asikho isibhedlela sase-Vhembe esihlinzeka ngosizo lwe-renal dialysis ezigulini ezinenkinga yezinso. Iziguli ziphoqeleka ukuthi zihambe amahora amade ziye kwezinye izingxenye zesifundazwe noma zezwe ukuthola lezi zinsiza,” kusho uRamaano etshela i-Scrolla.Africa.

Uphinde wagxeka ukushoda kodokotela nabahlengikazi ezikhungweni zezempilo zikahulumeni.

“Sibhekene nengwadla yokushoda kwabasebenzi bezempilo e-Vhembe. Iziguli ziphoqeleka ukuthi zilinde amahora amaningi ngaphambi kokuthi zisizwe ngenxa yokushoda kwabasebenzi. Sidinga ngokushesha odokotela nabahlengikazi abaningi,” kusho uRamaano.

Uthe i-Haitu e-Vhembe ithola izikhalo eziningi kubasebenzi bezempilo mayelana nesimo esingesihle sezikhungo zezempilo zikahulumeni.

“Izinsiza eziningi zishiywe izinyanga neminyaka zinganakekelwa. Kukhula izihlahla yonke indawo, okubeka impilo yeziguli nabasebenzi bezempilo engcupheni njengoba izihlahla zifukamela izilwane eziyingozi njengezinyoka, ”kusho uRamaano.

Okuyingozi nakakhulu ukuntuleka kwamanzi.

Sekuyiminyaka izikhungo ezifana nezibhedlela i-Elim ne-Tshilidzini zinenkinga yokunqanyulwa kwamanzi. 

Esigodini sase-Dumasi ngaphandle kwase-Thohoyandou, umtholampilo osanda kwakhiwa i-Magwedzha Clinic ovulwe ekuqaleni kuka-2023 usebenza ngaphandle kokuhlinzekwa kwamanzi.

Ngenxa yokushoda kwamanzi, umtholampilo awubasizi abesifazane abakhulelwe uma bebeletha nakuba benezinsiza ezidingekayo.

Okukhathaza abasebenzi bezempilo kanye nezakhamizi ezisebenzisa lesi sikhungo ukuthi umtholampilo omdala oseduze nebhilidi elisha elisezingeni eliphezulu ubunamanzi futhi bebekwazi ukuthola lonke usizo abalidingayo.

“Kubuhlungu ukutshela owesifazane okhulelwe ukuthi ‘ngeke sikwazi ukukusiza ukuthi ubelethe ingane yakho’ ngoba asinawo amanzi esikhungweni,” kusho uRamaano.

 *UGladys Mulaudzi* ongumhlengikazi osebenza emtholampilo wase-Magwedzha uthe: “Umtholampilo omdala ubunamanzi futhi nezinsiza – ezifana nokusiza abesifazane ukuthi babelethe izingane – bezihlinzekwa khona.”

Okhulumela uMnyango wezeMpilo esifundazweni uNeil Shikwambana uthe okwamanje i-renal dialysis yenziwa e-Polokwane kuphela.

“Kodwa izinhlelo sezisezingeni eliphezulu ukuthi lezi zinsiza zidluliselwe ezibhedlela zesifunda i-Tshilidzini ne-Letaba,” kusho uShikwambana.

Uvumile nokuthi bayashoda abasebenzi bezempilo esifundazweni.

UShikwambana uqhube wathi basaphenya ukuthi kungani amanzi engekho emtholampilo i-Magwedzha.

*Igama lishintshiwe ukuze kuvikelwe ubunikazi bomthombo*.

Esithombeni esingenhla: Umtholampilo i-Magwedzha osanda kwakhiwa kanye nesango elikhiyiwe lomtholampilo wase-Magwedzha omdala onganakekelwa, kodwa unomgodi wamanzi

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva