Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Umngcwabo wabafundi abangu-10 kwabangu-11 abashona engozini yemoto ngenyanga edlule ububanjelwe eFochville Secondary School eCarletonville ngoLwesine.
Imindeni yabafundi abangu-11 abashone engozini icela uMnyango wezeMfundo eGauteng kanye neziphathimandla zomthetho ukuthi zisuse izimoto ezithwala izingane zesikole ezingaphephile emigwaqeni.
Abafundi abangcwatshiwe ngoJunior Mankofu (8), uThandeka Mtyilibe,(9), uKhothatso Sesing,(9), uTshiamo Makinta,(9), u-Olesego Khesa, (12) uKatlego Morebudi, (12), uReabetswe Rabodiba, (7), noReneilwe Hlalele, (7), uSihle Hlalele, (12), uHloho Hlalele, (10), noThato Hlalele, (8).
UKhothatso Sesing, (9) uzongcwatshwa ngasese ngoLwesihlanu, kuthi umshayeli, uNkosinathi Mapukata, (44) angcwatshwe e-Eastern Cape.
Ingozi yenzeke ngomhlaka-10 kuNtulikazi ngesikhathi imoto abebehamba ngayo ishayiswa yiveni ebihamba ngesivinini esiphezulu, okubangele ukuthi imoto iginqike, ivuthe.
Abafundi bashe ngendlela eyisihluku, kwadingeka kwenziwe ulibofuzo ukuze babonakale, okuthathe izinsuku ezingu-30.
Abafundi abayisishiyagalolunye basinde kule ngozi.
Ilungu lomndeni, uSekoboti Makhoa, uthe: “Lokhu kumele kube yisifundo kithi sonke. Kumele sisuse izinto zokuhamba zesikole ezingaphephile nezingekho esimweni sokuba semgwaqweni emigwaqweni yethu nasezikoleni.”
UNgqongqoshe wezeMfundo eGauteng, uMatome Chiloane, uthe: “Sizoqala ukususa izinto ezithutha abafundi ezingaphephile. Abaqaphi bezikole bazobheka izinto zokuhamba basibikele. Uma singaneme ngalesi simo sizobavimba abafundi ukuthi bazisebenzise.”
UChiloane uphinde wadalalu izinhlelo zokwakhiwa kwezikole eziningi endaweni ukuze kwehliswe isidingo sokuthi abafundi baye kweminye imiphakathi ukuze bafundiswe ngolimi lwesiNgisi.
Okhulumela uMnyango wezokuThutha eGauteng, uPilane Ramarutsi unxuse ukuthi kube nomgomo wokulawula ukuthuthwa kwabafundi, wathi ukhathazekile ngezimoto ezigcwele kakhulu eziphenduka umthwalo womnyango wakhe.
Isithombe esingenbla: Inkonzo yomngcwabo omkhulu wabafundi abangu-10.
Umthombo: Doreen Mokgolo