Zibanjwe oqotsheni izinyokanyoka

Everson Luhanga

Abantshontsha ugesi babanjwe oqotsheni ngesikhathi beba ugesi  emini kabha.

La madoda amabili ebengazi ukuthi kukhona ilungu lomphakathi elithwebulayo isenzo sawo sobugebengu ngomakhalekhukhwini labe selithumela ubufakazi bezithombe kwizikhulu ze-City Power.

Ngesikhathi i-City Power iya endaweni yase-Alexandra ngoLwesibili ekuseni, abahlali bahlonze baphinde bakhomba nalapho la madoda ahlala khona.

Okhulumela i-City Power u-Isaac Mangena ushayele abahlali abathwebule izithombe ihlombe wakhumbuza umphakathi ukuthi ukuxhuma ugesi ngokungemthetho kuyicala.

“Amakhansela ezigceme kanye ne-City Power azovulela amadoda asesithombeni icala lobugebengu,” kusho uMangena.

“Sibonga abahlali ngokuba ngamehlo nezindlebe zenhlangano elwa nokuhlinzeka abahlali ngamandla kagesi ngenxa yokugcwala okudalwa yizinyokanyoka”.

UMangena uthe i-Alexandra ingelinye lamalokishi adonsa kanzima ngezinyokanyoka ezidla umasipala izigidi zamarandi ngenxa yokuxhunywa kukagesi ngokungemthetho.

“Sizoqhubeka nokubamba abaxhuma ugesi ongekho emthethweni futhi sicela umphakathi ukuthi ubike izigameko zokuxhunywa kukagesi ngokungemthetho ezindaweni zawo,” kusho uMangena etshela abahlali eqenjini lemiyalezo le-WhatsApp.

Scrolla World Cup Quiz