Zibanjiwe izigebengu ezigqekeze isikole sabakhubazekile 

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Zibanjwe umphakathi obudinwe uveva izigebengu ezine ezagqekeza esikoleni iMatshidiso Special School e-Tsakani,  Ekurhuleni ngeledlule.

Zinikezelwe emaphoyiseni ngoLwesihlanu.

Ngesikhathi zifunda embikweni okhishwe i-Scrolla.Africa mayelana nokugqekezwa kwesikole ngesonto eledlule sekusele usuku olulodwa zivulwe izikole, izakhamuzi zinqume ukuzithathela isinyathelo.

Emahoreni angu-24 nje, izakhamuzi zilunywe indlebe ngowesilisa obedayisa izitofu, ama-microwave nezinto zokubhala zesikole ngemali ephansi.

UThishomkhulu uThapelo Tshetlo uthe ubizwe ngosomatekisi bakule ndawo ngoLwesihlanu bemazisa ukuthi babambe omunye wabasolwa otholwe ne-microwave.

“Umsolwa nguyena lo obethungathwa izakhamuzi.

“Ngesikhathi ephenywa udalule ukuthi udayise isitofu emzini ohlonziwe ngo-R500, nenye impahla esitolo esidayisa impahla engeyintsha waphinde wasinikeza nesiliphu sokuthenga.”

Yize abasolwa sebeqoqiwe banikezelwa emaphoyiseni, kodwa ayitholakalanga yonke impahla entshontshiwe.

UThishomkhulu uthe ukhathazekile ngokuthi ezinye zezinsiza zokwelapha azikatholakali futhi isikole asinayo imali yokuthenga ezinye.

“Ukushoda kwezinto esikoleni kuletha omkhulu umthwalo njengoba isikhathi esiningi  sibhekane nezimo eziphuthumayo zabafundi,.

“Sinxusa noma iziphi izikhungo zezokwelapha noma amabhizinisi ukuthi asize ngeminikelo noma ngezinto zokwelapha ezihlanganisa ama-oxygen cylinders, i-humidifiers, ama-sanitary towels kanye namashidi azondlalwa kulabo abasuke begula.” Izakhamuzi zizibophezele ekutheni zizovolontiya ngokugada isikole ebusuku.

UMantombi Khumalo uthe kungumsebenzi womphakathi ukuvikela isikole.

“Lesi yisona sodwa isikole esifunda izingane ezidinga usizo olukhethekile. Asikwazi ukubheka eceleni njengoba izigebengu zicekela phansi lesi sikole. 

Okhulumela amaphoyisa aseTsakani, uLerato Mngomezulu ukuqinisekisile ukuthi abasolwa baboshiwe kanti kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi yaseTsakani maduze.

UMngomezulu unxusa umphakathi ukuthi ungazithatheli umthetho, kodwa ubikele amaphoyisa uma kukhona ubugebengu.

Esithombeni esingenhla: Abasolwa abane abagqekeze esikoleni iMatshidiso Special school

Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva