Elmon Tshikhudo
Abesilisa ababili iminyaka yabo ephakathi kuka 18 no 20 bavele enkantolo ngecala lokubulala izithandani esezikhulile e-Limpopo ngemuva kokuba amaphoyisa elandele umkhondo ngomakhalekhukhwini osale endaweni yesigameko.
Abasolwa ababili kusolwa ukuthi bagebenga umuzi ka-Andries Nicolas Louis no-Ina Cloete abakade beneminyaka engu-71 no-74 bababopha epulazini labo ngoLwesithathu olwedlule baqede balishisa.
UMukhethwa Goodman Magoma oneminyaka engu-20, no-Engetelo Advance Sambo oneminyaka engu-18 kusolakala ukuthi bantshontshe ubucwebe izibhamu nezinye izinto ezibalulekile emzini wezithandani e-Levubu ngaphandle kwase-Louis Trichardt.
Impahla ibisivele ilayishiwe evenini yalezi zithandani ngesikhathi umuntu obedlula ngendlela ebaphazamisa.
Abasolwa ababili bathukile kodwa ngaphambi kokuba babaleke endaweni yesigameko bashisa indlu yalezi zithandani uLouis noCloete beboshelwe ngaphakathi.
Izidumbu zezithandani kuthiwa zishe ngendlela yokuthi bese zingabonakali ngesikhathi kufika iziphathimandla.
Ngokujaha kwabo ukubaleka, abasolwa bashiye umakhalekhukhwini owodwa kanti amaphoyisa asebenzise lomakhalekhukhwini ukuthola lezi zigelekeqe.
Amaphoyisa alandele umkhondo kaMagoma noSambo endaweni yase-Hasani Dakari ngaphandle kwase-Malamulele kuMasipala wase-Collins Chabane ngakusasa okuyilapho ababoshwe khona ngokushesha.
Abasolwa bavele eNkantolo yeMantshi yase-Vuwani ngoMsombuluko ngamacala amabili okubulala, ukugqekeza nelokushisa.
Bekushubile ngaphandle kweNkantolo njengoba abalimi abaningi bebegqoke okhakhi behlangene ukuze basekele umndeni kaLouis noCloete ososizini. Iningi labo beliphakamisa izingqwembe ezibhalwe ukuthi sekwanele ngokubulawa kwabantu abanamapulazi.
Kuphinde kwagcwala amaphoyisa abeholwa nguKhomishana wesiteshi samaphoyisa e-Levubu uLieutenant Colonel Hangwani Mahafha.
Icala lihlehliselwe umhlaka-11 kuNhlaba njengoba kusaqhutshekwa nophenyo.
Okhulumela umndeni uFanie Havinga ucele ukuthi kwehliswe imimoya.
“Izinhliziyo zethu zihlukene phakathi siphila ngokwesaba asilindele ukuthi lokhu kwenzeke uma senza umsebenzi wethu,” kusho ilungu lomndeni.