Zibakhalele ababulala ukuze bathole imali yomshwalense

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Ngosuku lokuqala onyakeni omusha ngo-2022, kwatholakala isidumbu kumuzi owawuhaqwe umlilo e-Tshwane.

Umuzi okaSibusiso noLerato Mahlangu kanti isidumbu esatholwa sasifake indandatho yomshado kaSibusiso.

Kwakubukeka njengecala eseliphelile: UMahlangu washiswa umlilo waze washona. Umngcwabo wakhe wenziwa ngemuva kwezinsuku eziyisishiyagalombili.

Kodwa uMahlangu wayengekho ebhokisini. Wayehamba phakathi kwabathandiweyo bakhe ababefike bezokhalela ukushona kwakhe. Owesilisa owayesebhokisini kwakunguSibusiso Sithebe.

USibusiso Mahlangu nonkosikazi wakhe uLerato Mahlangu, bavele eNkantolo yeMantshi yase-Soshanguve ngoLwesine bebhekene necala lokubulala uSithebe.

Umzala kaSithebe, uDimakatso Masango uthe ngesikhathi kutholakala isidumbu kwakushe ikhanda kuphela futhi lalishiswe ngendlela yokuthi lalingasabonakali.

Kusolwa ukuthi ngemuva kokuthi uMahlangu ebulele uSithebe, wakhipha indandatho yakhe yomshado wayifaka emunweni wesisulu.

Ubabekazi kaSithebe, uTinny Khumalo uthe umndeni ushaqekile ukwazi ukuthi umndeni wakwaMahlangu ube nomngcwabo onesidumbu sendodana kadadewabo.

“Sifuna ukwazi ukuthi uSibusiso wangcwatshwa kuphi ukuze sithole isidumbu sakhe futhi simenzele umngcwabo ofanele ngokwesiko lakwaSithebe,” kusho yena.

UKhumalo uthe umndeni ufuna nenkampani eyabhekelela umngcwabo ukuthi iziphendulele ngokugunyaza ukukhokhelwa kwezigidi zamarandi ngomshwalense owathathwa ngesikhathi kushone ilungu lomndeni wabo.

UKhumalo uthe umsebenzi kaLerato wokusebenza enkampanini yama-funeral policy wamsiza ukuze afune umshwalense.

“Ubenalo lonke ulwazi mayelana nokufaka umuntu kumshwalense nendlela yokufaka isicelo futhi wakwenza emzimbeni womshana wami. “

Ekhuluma ne-Scrolla.Africa ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yase-Soshanguve uLerato Mphefo, intombi kaSibusiso Sithebe ongasekho utshele i-Scrolla.Africa ukuthi into ayifunayo ukuthi isithandwa sakhe singcwatshwe ngesizotha. 

“Ngiyazi ukuthi bambulele ukuze bathole imali. Kodwa kungani benganginikanga isidumbu ukuze ngimngcwabe?” ebuza.

“Ngizozitshela kanjani izingane zakhe ukuthi ubaba wazo washona ngesihluku?”

 

USibusiso Sithebe ubengowesithathu kubantwana bakubo abahlanu. Wazalelwa emndenini wamaKristu futhi ethanda umculo wezokholo.

Okhulumela i-National Prosecution Authority esifundeni uLumka Mahanjana uthe kusolakala ukuthi uLerato Mahlangu, uthole isitifiketi sokushona esingamanga eMnyangweni wezaseKhaya.

Laba bobabili bazophinde bavele eNkantolo ngomhlaka-18 kuNhlaba ukuze bafake isicelo sebheyili.

Esithombeni esingenhla: USibusiso Mahlangu nonkosikazi wakhe, uLerato Mahlangu abavele eNkantolo yeMantshi yase-Soshanguve ngecala lokubulala uSibusiso Sithebe.

Umthombo wesithombe: I-National Prosecution Authority

Isithombe sesibili: ULerato Mphefo (ogqoke uduku elimnyama) eduduzwa nguFrancinah Thosago ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yaseSoshanguve ngoLwesine.

Umthombo wesithombe: U-Everson Luhanga

Izihloko zakamuva