Zasetshenziselwa imikhankaso yezepolitiki izimali zakwaNogcoyi

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Kuthiwa owayenguthishomkhulu KwaZulu-Natal kanye nowayengusihlalo wesigungu esilawulayo osewathatha umhlalaphansi beba imali engaphezu kuka-R90 000 ukuze bakhankasele izikhundla zepolitiki.

Akucaci noma babekhankasela ukhetho lukazwelonke lwango-2019 noma ukhetho lohulumeni basekhaya lwango-2021.

Laba ababili amagama abo aziwa i-Scrolla.Africa namaqembu abo ezepolitiki basematheni esikoleni samabanga aphansi sakwaNogcoyi kanti udaba lwabo beluphenywa uMnyango wezeMfundo.

Bobabili bangamakhansela aqokelwe amaqembu abo ezepolitiki komunye womasipala base-Zululand. Ulwazi olutholakale emaphoyiseni olwaziwa i-Scrolla.Africa luveze ukuthi ngaphambi kokushiswa kwamahhovisi esikole kanye nendlu kathishomkhulu uBarbie Mazeka-Mbatha enamagumbi ayishumi, abasolwa bebefuna umbiko wezimali obusemotweni yakhe.

“Kuthiwa ngo-2019 laba bobabili benza imikhankaso oLundi kanti kwagcina kutholakala ukuthi baxhase imikhankaso yezepolitiki. Bebengaphansi kophenyo oluholwa uMazeka-Mbatha.

“Ngomhlaka-18 kuNhlaba kulo nyaka ngesikhathi uMazeka-Mbatha sekumele aqale umsebenzi wokuba uthishomkhulu omusha kwashiswa amahhovisi esikoleni. Ube eseya esikoleni eyolanda ezinye zezincwadi ezisindile ngesikhathi kusha kanti kulezo zincwadi bekukhona nombiko wezimali,” i-Scrolla.Africa sitshelwe kanjalo.

Ngemuva kokuthi kubonakale sengathi umbiko wezimali awuzange ucekelwe phansi umuzi kathishomkhulu uqhunyiswe ngebhomu likaphethiloli kwashiswa nezimoto zakhe ezimbili.

Ngesonto eledlule kuvele ukuthi ngenhlanhla umbiko wezimali awuzange ushe yize bese kungokwesibili bezama ukuwucekela phansi. Empeleni uMazeka-Mbatha ubesewudlulisele kusihlalo wesigungu esilawula isikole uMntwana uBonga Zulu.

Manje kubukeka sengathi uZulu naye usehlalele ovalweni ngoba kuyacaca ukuthi lo mbiko wezimali ungase ubophise abantu – ikakhulukazi osopolitiki ababili abake basebenza esikoleni sakwaNogcoyi.

Ulwazi olunikezwe amaphoyisa njengengxenye yophenyo lwawo luveze ukuthi umbiko woMnyango wezeMfundo usuphothuliwe ukuze abasolwa bathathelwe izinyathelo zomthetho.

Kuvele ukuthi abasolwa ababili kusolakala ukuthi bantshontshe ezinye izimali – ezingaphezu kuka-R400 000 – bathi ngeyokuthenga ifenisha yesikole, imishini emine yokusika utshani nokukhokhela umsebenzi ongenziwanga njengoba ama-invoice engekho.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo uMuzi Mahlambi uthe udaba lusemaphoyiseni.

“Izingqinamba zesikole samabanga aphansi sakwaNogcoyi sezibucayi njengoba zisanda kwenzeka. Okuningi kusesezandleni zamaphoyisa,” kusho uMahlambi

UZulu akazange atholakale ukuze aphawule.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Rober Netshunda uthe uphenyo lusaqhubeka.

Esithombeni esingenhla: Ingxenye eshisiwe yesikole samabanga aphansi sakwaNogcoyi ngemuva kokuqokwa kukathishomkhulu omusha

Umthombo wesithombe: Daily News

Izihloko zakamuva