Inqubomgomo yokuzama ukwakha ukuthula kuleli yenza abantu abaphuma amazweni angaphandle bazoncika kumnotho wakuleli.
Ukuxoxisana phakathi kukaNgqongqoshe wase-Limpopo uDkt Phophi Ramathuba nesiguli sase-Zimbabwe ebesilele embhedeni okushuthwe kwividiyo esakazwa bukhoma akugqamile nje kuphela ngokungabi nanhliziyo kodwa kufaka neqiniso phakathi.
Senzenjani uma siphelelwa indawo yokulala yezakhamuzi zethu esibhedlela?
Abantu abaphuma e-Zimbabwe abayizigidi ezimbili kuya kwezintathu bancintisana nabantu abangasebenzi futhi benza kube nzima ukutholakala kwezinsiza esibhedlela.
Baphinde banikeze osopolitiki abathanda amathuba into abazokhuluma ngayo.
Azikho izimpendulo ezilula, kodwa ukuhlasela abantu abaphuma emazweni angaphandle noma e-Zimbabwe kuxabanisa abantu kuleli.
Sisola abantu abaphuma emazweni angaphandle ngakho konke okubi. Abasolwa nje kuphela ngokuthatha imisebenzi yabantu bakuleli, kodwa basolwa ngezinga lobugebengu nokunye okwenzakalayo.
Ukuxosha abantu abampofu abaphelelwe ithemba sibabuyisele emazweni abo akuyona into enhle leyo.
Kudingeka sivume ukuthi inqubomgomo yakuleli yamashumi eminyaka yokuxoxisana ngokuthula yenza kwaba nenhlekelele kwezombusazwe futhi isiphendule izigidi zabantu base-Zimbabwe ukuba bathembele kumnotho wakuleli.
Ukulandelana kwabaholi be-ANC kwakubukeka ngenye indlela njengoba owayenguMengameli wangaleso sikhathi uRobert Mugabe wayehlukumeza abantu ababemphikisa futhi engamele umnotho owawugcwele inkohlakalo, ukwehla kwamandla emali kanye nokuntuleka kwemisebenzi.
Namuhla isizwe esingaphansi kuka-Emmerson Mnangagwa abantu abangaphezu kuka-70% baphila ngaphansi kobumpofu kanti abanye bayaqhubeka nokutheleka kuleli beqe imingcele.
Iqembu le-Zanu PF lifana kakhulu nenhlangano elwela inkululeko eyanqoba umbuso wabamhlophe. Izinguquko ezenziwa osomabhizinisi abakhohlakele abaphumelela ohlelweni olufanayo olwenza abantu abampofu bawele umngcele wethu beze kuleli.
Umgomo wokungaqondani ngeqiniso ekupheleni kosuku unomthelela ophambene nalokho obekuhlosiwe.
Esikhundleni sokuba ngumakhelwane omuhle elakuleli seliphenduke isizinda semizwa emelene ne-Zanu PF futhi abantu base-Zimbabwe abangenacala bayahlaselwa babulawe. Umgomo wokuphuca izimvume kanye nokubuyisela izinkulungwane zabantu base-Zimbabwe emakhaya kuzokwenza isimo sishube kakhulu.
Ngeke sikwazi ukushintsha okwedlule, kodwa singafunda emaphutheni ethu.
Umhlaziyi wezepolitiki ozinze eGoli, uTafi Mhaka uveze ukuthi elakuleli njengamalungu e-SADC linomsebenzi wokuthuthukisa izimiso zezombusazwe ezivamile, izinhlelo nezikhungo kanye nokuvikela inhlalakahle zazo zonke izakhamuzi kuhlanganisa nabantu base-Zimbabwe abacindezelekile.
Njengoba ukhetho lwangonyaka ka-2023 lusondela elakuleli lingasiza ekuqinisekiseni inkundla elinganayo ngokuqondisa i-Zimbabwe okhethweni olukhululekile nolunobulungiswa.
Olunye ukhetho olunodlame luzoba inhlekelela esifundeni. Kudingeka sigxile ekuletheni enye indlela ehlukile.
I-Zimbabwe ezinzile kwezombusazwe futhi enobulungiswa izosivumela ukuthi senze imizamo yethu ekusizeni ukwakha kabusha umnotho oqine kakhulu e-Afrika kanye nokuqinisekisa ukuthi sigcina imibhede yezibhedlela eyanele kuleli.