Yini elindelekile kwisikhulu esisha sakwa-Eskom 

Lubhalwe nguZukile Majova

Ngabe yini  edingekayo kumphathi  omusha wakwa-Eskom?

Kumele ahleleke kakhulu, ahlakaniphe kwezobuchwepheshe nakwezezimali azimisele ukulwa nohulumeni kanye neqembu elibusayo elizofisa ukusulela amacala kuye.

Ngokuyisisekelo udinga ukumelana nakho konke.

Futhi simufisela inhlanhla yokubuyisa imali engaphezu kuka-R52 billion koMasipala kanye no-R4.7 billion okweletwa izakhamuzi zase-Soweto nakuba u-Eskom ukwazile ukucisha isikweletu sika-R8 billion .

Isikhulu esiphumayo esikhundleni u-Andre de Ruyter ubekezelele konke obekwenzeka e-Megawatt Park iminyaka emithathu, emibili yayo ngesikhathi sokubhebhetheka kwe-Covid-19.

Uthe kunzima ngempela ukwenza lo msebenzi.

Kubikwa ukuthi amaqembu ahlezi ehlomile futhi ahlelekile e-Mpumalanga endaweni yamalahle acekela phansi futhi antshontsha izigidigidi zamarandi kwa-Eskom.

Ukwengeza kulokho ukushona kwabantu okungapheli kanye nomninimasheya ongenalwazi ofuna ukukhohlisa ngezinto ezinhle ngenxa yokufuna ukuba nobudlelwano nomphakathi ngaphandle kokuzibophezela kwangempela kuwona.

Into ephoqe uDe Ruyter ukuthi aphume esikhundleni ilokhu okwenzeke ngeledlule emcimbini wokusayinwa kwezinhlelo zikagesi ezizimele ezingu-13 ngesikhathi umphathi wakhe uNgqongqoshe wezokumbiwa phansi naMandla, uGwede Mantashe emsola ngokusebenzisa ukucisha kukagesi ukucekela phansi ubuholi obukhona.

“Njengoba u-Eskom ungakunaki ukucishwa kukagesi umatasatasa ngokuketulwa kombuso,” kusho uMantashe.

Umhlaziyi wemboni uDirk de Vos utshele i-Scrolla.Africa ukuthi kudingeka umuntu okwaziyo ukubekezela ukwenza lo msebenzi.

“Lo umsebenzi onzima futhi izidingo zawo azifezeki zonke. Inkinga ukuthi umnikazi wamasheya kahulumeni akakaze aqonde kahle ukuthi u-Eskom usebenza kanjani nokuthi yini engalungile ngawo.”

“Kukhona oNgqongqoshe ababili ababusayo uNgqongqoshe wezokuMbiwa phansi naMandla uGwede Mantashe kanye noNgqongqoshe Wezamabhizinisi Kahulumeni,” kwengeza uDe Vos.

Izinselelo ezinkulu zesikhulu esiphezulu kufanele kube ukuguqula inkampani ngaphandle kwezimali ezintsha ezengezwe kumaphrojekthi amasha.

Enye inselelo ukukhokha isikweletu sika-Eskom sika-R400 billion ngaphandle kokunyuka okukhulu kwezindleko.

Futhi inselelo enkulu kunazo zonke ukucekela phansi kwezombusazwe njengoba amaqembu ezigelekeqe ekwazi ukuphanga ngaphandle kokuthi uhulumeni azibophezele ukubamba izigelekeqe.

Cishe kuyo yonke ingqungquthela yabezindaba uDe Ruyter uphinde wagcizelela ukuthi akanandaba nepolitiki.

Akanandaba nokucindezelwa futhi lokho bekungamphazamisi ekutheni enze umsebenzi wakhe.

Kodwa ekugcineni ipolitiki kahulumeni we-ANC imfake ngaphansi kwebhasi.

Isithombe esingenhla ngesehhovisi elikhulu lakwa-Eskom

Umthombo wesithombe: @AfricaNews

Izihloko zakamuva