Everson Luhanga
Ukuhlangana ubuso nobuso esitokisini nendoda eyaziwa njengesilwane saseTembisa, ubonakale ekhululekile. Usamukele isiphetho sakhe njengendoda ezochitha isikhathi eside kakhulu ejele.
“Ngikulungele ukuqala isigwebo sami. Akukho okuzoshintsha isinqumo senkantolo ngami,” esho ngesikhathi ehleli esitokisini, imilenze yomibili iboshwe ngamaketangu emaqakaleni, emamatheka futhi ebukeka engenandaba.
“Noma ngabe ngaphatheke kabi noma ngithukuthele noma ngizizwa kanjani, akukho okuzoshintsha”.
Isahluko sokugcina endabeni kaGift Mkhwanazi, esinye sezigebengu ezinesihluku emlandweni wobugebengu baseNingizimu Afrika. Umdlwenguli owahlukumeza abesifazane e-Tembisa useqalile ukudonsa isigwebo sakhe.
NgoLwesibili, iNkantolo eNkulu yaseGoli igwebe uMkhwanazi odilikajele abayi-12, kanye neminye iminyaka engama-302, ngamacala awenza phakathi kowezi-2013 nowezi-2019. Waboshwa mhla ziyi-11 kuZibandlela ngowezi-2019.
Ngemuva kwesigwebo, i-Scrolla.Africa sikhulume noMkhwanazi esitokisini sakhe ngaphambi kokuba afakwe ejele ukuze aqale ukudonsa isigwebo sakhe.
Ekhuluma ngabantu azobakhumbula, uthe uzokhumbula izingane zakhe ezintathu abenazo nabesifazane abathathu abahlukene.
Ngaphambi kokubuyela esitokisini sakhe, uMkhwanazi uye wenza amahlaya ambalwa namaphoyisa abekhona. Wacela imali ayenayo ngosuku aboshwa ngalo kanye nomakhalekhukhwini wakhe.
Ubuye wacela elinye lamaphoyisa ukuthi lingamthengela yini isinemfu ngaphambi kokuthi aphume ejele laseGoli.
Ehlisa isifonyo sakhe, uhleko lukaMkhwanazi lunanele ezindongeni eziphakeme zeNkantolo eNkulu yaseGoli ngaphambi kokuba abuyiselwe esitokisini.
Ngokuvela kwakhe izikhathi eziningi ngesikhathi kuqulwa leli cala, uMkhwanazi akazange akhombise ukuzisola kuzisulu zakhe, iningi lazo ebezihambele le nqubo.
Ngesikhathi ijaji likhipha isigwebo, omunye womama bezisulu ukhalile.
Utshele i-Scrolla.Africa ukuthi okungenani ubulungiswa benziwe futhi kususwe indoda eyingozi emphakathini.
“Izingane zethu zizophila nokuhlukumezeka ngokudlwengulwa ngowesilisa ongakaze axolise noma esecelwa yinkantolo ukuthi enze njalo,” esho.