Lungani Zungu
OwayeyiMeya yeTheku uZandile Gumede uchaze izinkinga zakhe zomthetho njengezimpi, njengoba ebuyela eNkantolo Yamacala Obugebengu eThekwini namuhlanje.
“Ngimsulwa. Ngemuva kwesikhathi esingaphezu konyaka ngaboshwa, namanje umbuso awukalivezi icala lawo,” kusho yena.
Uthi abammeli bakhe bazomulwela ukuthi leli cala likhishwe enkantolo.
UGumede ugxeke i-NPA kanye noKlebe, wathi indlela yabo yokubeka abantu amacala kuqala bese beshushiswa ngokuhamba kwesikhathi iyabheda.
“Izinto azikwazi ukuqhubeka nje kube sengathi akukho okungahambi kahle. Iziphathimandla zethu zezomthetho kumele zenze umsebenzi wazo ngendlela efanele nangokuziphatha ngendlela,” kusho uGumede.
“Lolu hlobo lwesenzo lulimaza isithunzi somuntu.”
UGumede ulahlekelwe ngumsebenzi wokuba yiMeya yeTheku ngowe-2019. Ubebhekene necala lokukhwabanisa kanye nenkohlakalo kanye nabanye abayi-16, okubalwa kubo noMphathi weDolobha uSipho Nzuza.
Baboshwa ngenxa yezinsolo zokubandakanyeka kwithenda lezigidi ezingama-R430 leThekwini Waste eyakhishwa ngowe-2017 ngesikhathi kusaphethe yena.
NgoLwesine olwedlule, amanye amakhansela amathathu e-ANC avela kuMasipala weTheku avele eNkantolo Yamacala Obugebengu eThekwini kulandela ukuboshwa kwawo ngoLwesithathu.
Uma uGumede eya enkantolo namuhlanje, uzobe eshoda ngesosha elilodwa ngemuva kokudlula emhlabeni komsekeli wakhe omkhulu uMzomuhle Dube oshone ngenyanga edlule ngemuva kokugula isikhashana.
“Ukulwa kuze kube sekugcineni ukuze ngigeze igama lami, ukuphela kwendlela engingahlonipha ngayo umlingani wami uDube”
Ukushona kukaDube kukhuphule ukuzethemba kuGumede.
Uthembise ukweseka uMvikeli woMphakathi, uBusisiwe Mkhwebane, obhekene nokuhlolwa ePhalamende ukuthi ukulungele yini ukuphatha lesi sikhundla.
Uma uMkhwebane esuswa esikhundleni, uzoba ngumvikeli womphakathi wokuqala ukungaliqedi ihlandla lakhe selokhu kwaqalwa leli hhovisi ngowe-1995.
Kanti uGumede useyilungu lesiShayamthetho sesifundazwe saseKZN.