Yiliphi iqembu elizothola amavoti amaningi e-Gqeberha?

Zukile Majova

Kusekude ukuthi kuphethwe ngozonqoba impi yokuphatha indawo yase-Gqeberha e-Eastern Cape. 

Cabanga ngalokhu: NgoNcwaba ngowezi-2018 umfelandawonye wabantu okungenzeka ukuthi wakhiwa i-ANC, i-EFF, i-UDM, i-AIC ne-United Front wakhipha iMeya ye-DA u-Athol Trollip ukuthi athathe izintambo zokuphatha iNelson Mandela Bay, njengoba yayaziwa kanjalo ngaleso sikhathi.

Kwakuyikhansela le-DA uMnu Mbulelo Manyati owakhaphela iqembu lakhe waphula uqhekeko luka-60-60 emkhandlwini ngokunika lo masipala iqembu le-ANC.

Amaqembu amancane kanye nalabo abangaba amakhosi ngowezi-2021, i-UDM ne-AIC, bathole izikhundla zokuba yiMeya nePhini leMeya ngokulandelana, ngenkathi i-ANC ithatha isikhundla sikasomlomo kanye nesikaSotswebhu.

Kuphele izinyanga i-DA izama ukuguqula okwakubonakala njengokudunwa kwezepolitiki kumkhandlu wayo. Iqembu ligcine liphumelele njengoba uNqaba Bhanga ethathe isikhundla sobuMeya.

Sekuyiminyaka engaphezu kweyishumi i-Gqeberha iyindawo ebangwa kakhulu. Isibonelo, ngowezi-2011, i-ANC yanqoba leli dolobha ngo-52% uma kuqhathaniswa ne-DA eyanqoba ngo-40.2%.

Eminyakeni edlule, isimo sezombusazwe edolobheni sashintsha kakhulu ngokufika kwe-Economic Freedom Fighters kaJulius Malema.

I-EFF ibe yikhaya labavoti abaphoxwe yi-ANC, njengoba babengayithembi i-DA ngokwanele ukuthi bengajoyina iqembu layo.

Ngokhetho lwangowezi-2016, ukukhula kwe-DA phakathi kwabavoti abamnyama abasezingeni eliphakathi, nokwanda kokuthandwa kwe-EFF, kwehlise ivoti le-ANC lasuka ku-52% laya ku-40.9%.

Ngokuthola amavoti angama-46.7% ngemuva kokhetho lwangowezi-2016, i-DA yahlanganyela ne-ACDP, i-COPE kanye ne-Patriotic Alliance.

Kodwa eminyakeni edlule, kube negazi elibi kakhulu phakathi kwe-ANC ne-EFF. Khonamanjalo i-UDM nomholi wayo uBantu Holomisa bebe yiva emehlweni kahulumeni we-ANC, beveza izehlakalo eziningi zenkohlakalo nokuphanga kweqembu elibusayo.

Ngesonto eledlule ithimba elinamandla le-ANC – okubandakanya uMengameli uCyril Ramaphosa, inhloko yezokhetho ku-ANC uFikile Mbalula, iLungu lePhalamende noSotswebhu uPemmy Majodina kanye noNdunankulu wase-Eastern Cape u-Oscar Mabuyane – benze umkhankaso wokungena umuzi nomuzi e-Gqeberha.

Ngakolunye uhlangothi i-DA yethule umqulu wayo wokhetho kuleli dolobha othembisa ukuphatha okuhle, ukukhula komnotho nemisebenzi.

Kusazobonakala ukuthi abahlali bazoyijikela yini i-ANC ngokuphoqa ukuthi kushintshwe igama ledolobha ngaphandle kokuvuma kwezinkulungwane zabakhokhi bentela kuleli dolobha elithandekayo.

Izihloko zakamuva