Yibaphi abasubathi bakuleli abazowina izindondo kuma-Olimpiki ase-Tokyo?

Menzi Magubane

Ekugcineni aseze afika ama-Olimpiki ase-Tokyo! Lo mcimbi wahlehliswa ngonyaka owedlule ngenxa yokuqubuka kobhubhane lokhuvuthe, kodwa kulokhu kubonakala sengathi zonke izinhlelo ziqhubekela phambili.

Iqembu lokugcina emaqenjini akuleli lihambe ngoLwesibili liya e-Tokyo kanti amanye ahamba ngesonto eledlule.

Abasubathi bethu abaningi bahlale izinyanga eziningi bengahlanganyeli ngokuncintisana, kodwa bebedlale kahle kakhulu ngesikhathi bevunyelwe ukuncintisana emikhakheni yabo.

Ngowezi-2016 kuma-Rio Games, uCaster Semenya wasizuzela indondo yegolide – eyodwa yalezi ezimbili esazithola. Kulo nyaka akazange afaneleke, okwenza ngizibuze ukuthi izindondo zethu zizovelaphi.

Kubonakala sengathi umdlalo we-track kulapho okungenzeka ukuthi sizithole khona. Ngemuva kwakho konke, sinomuntu onejubane elikhulu e-Afrika u-Akani Simbine, esibeke kuye amathemba ethu ku-100m sprint nethimba lokudlulisa i-4×100m.

Emasontweni amabili edlule uqophe irekhodi lase-Afrika lemizuzwana engu-9.84 emhlanganweni we-World Athletics Diamond League obuse-Hungary. E-Monaco uphume isibili elwa nomkhakha osezingeni lomhlaba obekukhona kuwo ababebanga izindondo e-Tokyo.

USimbine uqede endaweni yesihlanu kowamanqamu e-Rio kodwa kulokhu kubukeka sengathi uzimisele ngesikhathi esifanele.

“Kuyajabulisa impela ukuthi ngithola ukuncintisana nabadlali abaphambili emhlabeni nokwazi ukuthi ngingomunye wabo,” esho.

“I-100m sprint ngumcimbi obukwa yiwo wonke umuntu futhi kuhle impela lokho. Ngizizwa sengathi ngisesimweni esihle kakhulu sokwenza umsebenzi wami.”

Angiwangabazi amandla amaqembu ethu okubhukuda, e-volleyball, ebhola likanobhutshuzwayo kanye ne-hockey, kodwa ngingabheja imali yami ukuthi izindondo sizozithola kwi-track.

Ekubhukudeni, sisenaye umbhukudi womnikazi werekhodi lomhlaba uWayde van Niekerk ku-400m. Sekuphele iminyaka emibili engadlali ngenxa yokulimala, kodwa ngeke akhishwe.

Ngowezi-2016 wasitholela enye indondo yegolide futhi usebuyile ukuzovikela irekhodi lakhe. Enkundleni sinomdlali we-shot put uKyle Blignaut. Unerekhodi lokuba ngowesithathu elihamba phambili kuleli ngemuva kokuphosa u-21,21m ukufica izinga lokuhlunga, futhi ubalwa kwabayi-15 abahamba phambili emhlabeni.

Kukhona noRuswahl Samaai ongumpetha we-African long jump.

Kuma-Rio Games saqeda endaweni yama-30 sathola izindondo ezimbili zegolide, eziyisithupha zesiliva nezimbili zethusi. Ngabe sizokwenza kangcono e-Tokyo? Sithi phambili kwithimba lakuleli, phambili!

Umthombo wesithombe: @athleticsouthafrica

Izihloko zakamuva