Yenzani izingane eziningi, i-China itshela isizwe

Arthur Greene

Ekushintsheni inqubomgomo eqopha umlando, i-China isimemezele ukuthi izovumela  izithandani ukuba zibe nezingane ezintathu, isuke kulezi ezimbili ezazivunyelwe phambilini.

Lesi sinyathelo sihlose ukubhekana “nenkinga yokuguga” yezwe, kulandela imininingwane yakamuva ekhombise ukwehla okuphawulekayo kokubeletha eminyakeni embalwa edlule.

Kuze kube ngowezi-2015, i-China yaphoqelela inqubomgomo edumile yengane eyodwa ukuvimbela ukwanda kwabantu. Lo mthetho wabekwa ngowe-1980 futhi usususe impikiswano eshubile kusukela lapho.

Kwabekwa uhlelo lokuhlawuliswa kulabo abaphula umthetho, kuyilapho abaningi baphoqeleka ukuba bakhiphe izisu.

Ngowezi-2015, inqubomgomo yashintsha yavumela izithandani ukuba zibe nezingane ezimbili.

Kodwa izinga lokubelethwa kwezingane ezweni liqhubeke nokwehla unyaka nonyaka.

Ngokusho kwe-National Bureau of Statistics, izingane eziyizigidi eziyi-12 zabelethwa e-China ngowezi-2020. Lokhu kungaphansi kwezigidi eziyi-2.65 ngaphansi kwenani lezingane ezibelethwe ngonyaka owedlule, ngowezi-2019.

Izinga lenzalo ezweni okwamanje limi ku-1,3, okusho ukuthi owesifazane ojwayelekile wase-China unengane engaphezu kweyodwa nje kuphela empilweni yakhe. Lokhu kungaphansi kwezinga elidingekayo ukugcina inani labantu elizinzile.

Ochwepheshe babikezele ukuthi uma inani labantu liqhubeka nokwehla ngezinga elikhulu kangaka, abantu base-Nigeria bazodlula abase-China ngenani ngonyaka wezi-2100.

Ucwaningo, olushicilelwe ngonyaka owedlule ephephabhukwini lezokwelapha i-Lancet, lubikezela ukuthi inani labantu emhlabeni lizokhuphuka ngowezi-2064, lize lehle kancane kancane ngemuva kwalokho.

Ngokusho kocwaningo, amazwe amahlanu azoba nabantu abaningi ngowezi-2100 yilawa alandelayo:

● Indiya ngezigidigidi eziyi-1.09

● I-Nigeria ngezigidi ezingama-791

● I-China ngezigidi ezingama-732

● IMelika ngezigidi ezingama-336

● I-Pakistan ngezigidi ezingama-248

Uma kubhekwa inani labantu base-China lifinyelele kule minyaka eyishumi ngezigidigidi eziyi-1.4, lokhu ukwehla okumangazayo cishe okuyi-50%.

Izihloko zakamuva