YEKANI UKUBULALA, KUSHO UMPHAKATHI WASE-ALEXANDRA

Everson Luhanga

Ukubulawa ngesihluku kwentombazane yesikole eneminyaka eyi-19 uJabulile Nkosi kuvuse abantu base-Alexandra ekutheni bavikele ubugebengu obunodlame kuleli lokishi.

Abafundi bezikole ezinhlanu ezihlukene zamabanga aphezulu e-Alex bamashele enkantolo izolo lapho bekuvela khona owesilisa oneminyaka engama-25 osolwa ngokubulala uNkosi oneminyaka eyi-19.

Izazi namalungu omphakathi bebephethe izingqwembe ebezibhalwe ukuthi #UbulungiswaNgokubulawaKukaJabulile.

UJabulile, obefunda umatikuletsheni e-East Bank High School, watholakala elahlwe osebeni loMfula i-Jukskei emasontweni amabili edlule enezimbobo ezintathu zezinhlamvu.

Umsolwa, ongusomatekisi wasendaweni okukholakala ukuthi ungowase-Zimbabwe, uvele eNkantolo yeMantshi yase-Alexandra okwesibili wanqatshelwa ibheyili.

Uninalume kaJabulile uSipho Nkosi, uthe umndeni uyakwazisa ukwesekwa abebekade bekuthola kuwo wonke umuntu waselokishini.

“Sifuna ukubona abantu behlangana ukuze balwe nokubulawa kwabantu okungenangqondo futhi baqede nya izenzo zobugebengu elokishini lethu.

“Uma sonke siziphatha ngendlela esenze ngayo selokhu kwashona umshana wami, nginenkolelo yokuthi ngeke kube khona ubugebengu e-Alexandra,” kusho uSipho.

Uthe umndeni usashaqekile ngokudlula kukaJabulile ngaphambi kwesikhathi. “Kunobufakazi obuqhamuka kumakhamera aseduze kwendawo lapho kwatholwa khona isidumbu sikaJabulile.

“Siyathemba nje ukuthi ubulungiswa buzokwenzeka kanti umsolwa uzobhadla ejele ingunaphakade,” kusho uSipho.

Umfundi uDimakatso Shezi uthe kubuhlungu ukuthi impilo kaJabulile yanqanyulwa. “Ubenamaphupho amakhulu ngempilo yakhe,” kusho uDimakatso.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uKaputeni uKay Makhubele, uthi icala lihlehliselwe umhla zingama-22 kuMfumfu kowezi-2020. Umsolwa usagcinwe esitokisini.

Izihloko zakamuva