‘Yeka ukukhuleka ngesikhathi sokulalelwa kwecala’ – Inkantolo ixwayisa uMboro

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

  • Umfundisi uMboro utshelwe ukuthi akayeke ukuthandaza ngesikhathi evela enkantolo lapho ebhekene namacala okuthumba abazukulu bakhe ebakhomba ngesibhamu bephuma esikoleni.
  • Isonto lakhe lishisiwe kanti  sekuhoxe abammeli ababili kuleli cala eliqale ngoNcwaba.

Umfundisi uPaseka “Mboro” Motsoeneng uyalelwe ukuthi ayeke ukuthandaza ngesikhathi evela enkantolo ePalm Ridge ngoMsombuluko lapho ebhekene khona namacala okuthumba.

IMantshi u-Ipfi Mammburu imkhuze ngokubheka phezulu bese eshwashwatha umthandazo ngesikhathi sokuqulwa kwecala.

“Awukwazi ukuthandaza ngesikhathi inkantolo isahleli. Ngichaza imiphumela yokungafiki, wena ubheka phezulu sengathi uyathandaza. Akuyona indlela efanele yokwenza izinto leyo,” esho.

UMboro nendodana yakhe uVincent Motsoeneng basolwa ngokuthatha abazukulu bakaMboro esikoleni samabanga aphansi iMatshidiso ngezibhamu namapanga ngoNcwaba.

Umfundisi uthi yena alukho olubi alwenzile.

“Alikho icala esibhekene nalo. Umzali angazithumba kanjani izingane zakhe? Umthetho wakuleli usho ngokusobala ukuthi uma kushone umzali oyedwa, umzali osaphila unikezwa ilungelo eligcwele lezingane.”

UMboro uthole ibheyili ka-R3 000 kwathi indodana yakhe nonogada uClement Baloi badedelwa ngesexwayiso. Akumele baxhumane nomndeni kamama wezingane noma bavakashele ezikoleni zabo.

Ngaphandle kwenkantolo, uMboro uthe ubengaphethwe kahle.

“Ibandla lethu lashiswa, asinayo ngisho i-sound system, sekuphele nemali engaphezu kuka-R1-million. Umbuso usitshele ukuthi abantu bafuna ukusibulala baphinde bacekele phansi isonto lethu ngokuthumba izingane ezizalelwe emzini wami,” usho kanje..

Icala lizodlulela eNkantolo yesiFunda yasePalm Ridge ngomhlaka-26 kuLwezi. Ummeli kaMboro useshiye phansi – osekungowesibili ukuhamba selokhu kwaqala icala.

Osesithombeni esingenhla:uPastor Paseko Mboro.

Umthombo Wesithombe: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva