Lubhalwe nguKarabo Rammutla
I-ANC e-Tshwane ithi imeya ephumayo uMnu Murunwa Makwarela akakaze adalule kubo ukuthi ungumuntu ongazwani nokukhokhela izikweletu.
USihlalo we-ANC e-Tshwane, uGeorge Matjila utshele i-Scrolla.Africa ukuthi bashaqekile ngemuva kokuthi umphathi kaMasipala uJohann Mettler ememezele ukuthi uMakwarela uhoxisiwe ekubeni ikhansela elimele izindaba ezibandakanya umphakathi.
“Akakaze asitshele nakanye ukuthi kunesimo somthetho esimvimba ukuthi amele umphakathi,” kusho uMatjila.
Kodwa-ke, uMatjila uthe basazoqhubeka nokusebenzisana ne-Cope.
“Uma beqoka omunye futhi siba nesivumelwano sizovota nabo,” esho.
Kwathiwa uMakwarela akanamali yokukhokha izikweletu. Lokhu kwashiwo iNkantolo eNkulu yaseGoli ngoNcwaba ngo-2016.
Esitatimendeni umphathi kamasipala uMettler, uthe uMakwarela akavumelekile ngokomthetho weSigaba-47(1)(c) woMthethosisekelo othi abantu “abangakwazi ukukhokha izikweletu” abakwazi ukuphatha izikhundla zomphakathi.
UMettler unikeze uMakwarela kuze kube uLwesibili ukuthi aveze ubufakazi bokuthi akanazo izikweletu ezimhlulayo ukuzikhokha.
Ukuhoxiswa kusho ukuthi i-Tshwane ayinayo imeya kwazise amakhansela afungisiwe kuphela angafungiswa njengezimeya.
Kuthiwa i-DA iphumele obala ngokuba nezikweletu kukaMakwarela.
Esitatimendeni esamukele ukuhoxiswa kwakhe, iqembu lithe alikwazanga ukuthola ubufakazi bomyalelo wokuhlunyeleliswa kwezimilo kulolu daba.
“Ngakho sibhalele umphathi kamasipala kanye ne-IEC sicela ukuthi uMakwarela acelwe ukuthi aveze ubufakazi bokuthi akasenazo izikweletu ezimhlulayo ukuzikhokha,” kubhala i-DA.
NgeSonto, i-City Press ibike ukuthi ngo-2016 uMakwarela wathathelwa umuzi wakhe ose-Magalieskruin e-Tshwane ngenxa yezikweletu kanti ngo-2019 wayekweleta u-R255,000 wemoto iBMW ayehluleka ukuwukhokha.
Esithombeni esingenhla: UMurunwa Makwarela
Umthombo wesithombe: @Murunwa-Makwarela