Lwazi Nongauza
U-Arthur Mafokate uthi ngeke ayibuyise imali yesibonelelo se-National Arts Council se-Covid 19 eyanikezwa ibhizinisi lakhe esikhundleni samaciko adonsa kanzima.
Lo mculi ozibiza ngenkosi yomculo we-kwaito uthi akayingeni leyo futhi ngeke ayibuyise imali. Uthi, uyibonile incwadi kaChicco Twala ayibhalela yena lapho uChicco athi:
“Akuyona indlela yokuziphatha ukuthi sicele uhulumeni usizo lwemali ye-Covid egameni lozakwethu abadonsa kanzima … lesi sikhwama kufanele sibe yisikhuthazi, hhayi uhlelo lokuceba ngokushesha”.
UChicco utshele abakwa-Scrolla.Africa ukuthi, wagxeka uMafokate esidlangalaleni ngoba ibhizinisi lakhe i-999 Records lathola imali evela kubakhokhi bentela.
Okwamanje, uMafokate akayingeni leyo kanti futhi utshele abakwa-Scrolla.Africa ukuthi: ‘’Ngingumculi kanye nomuntu wamabhizinisi. Leso sikhwama se-NAC sokusiza, sasihloselwe bonke abaculi kanye namabhizinisi aphazanyiswa yi-Coronavirus eyaphoqelela umvalelo. Ibhizinisi lami lingelinye lalawo athintekile. Yingakho ngafaka isicelo futhi ngamukela uxhaso. Ngakho-ke, angiqondi ukuthi kungani abantu abanjengoChicco becabanga ukuthi ngenze ubugebengu.’’
UMafokate ukuphikile ukuthi ukuxhaswa kwakhe yi-NAC kungenzeka ukuthi kudalwe umthelela wobudlelwano bakhe bebhizinisi obudumile ne-ANC.
’’Ngeke ngime noma ngixolise kuChicco noma ngabe ngubani ongithukuthelele.”
Umthombo wesithombe: @ArthurMafokate