“Yebo ngibabulele,” kusho indlovukazi yomshwalense

Everson Luhanga

USergeant Rosemary Ndlovu, iphoyisa lase-Tembisa elibekwe icala lokubulala amalungu omndeni ayisishiyagalombili okubalwa nezingane zakhe ezimbili ukuze athole imali ngempilo yabo – imali yomshwalense wokungcwaba, ulivumile icala lokubulala.

UNdlovu ubesejele iminyaka engaphezu kwemithathu, usezame kaningi ukuthi anikwe ibheyili.

Amaphoyisa abheke amanye amacala amaningi okungenzeka abhekene naye – ukuphenywa ngokushona kwamalungu omndeni afinyelela kwangama-27 kuphenyiwe.

Uke wabekwa necala lokuzama ukuhlela ukubulawa komphathi wesiteshi nomphenyi ecaleni lakhe esejele.

Izinsolo zokubulawa kwamalungu omndeni, kwesinye isikhathi ayewathathela izinqubomgomo ngaphambi kokuwabulala, zenzeka eminyakeni eyishumi edlule.

Sekuyiminyaka eminingi emangalelwa, kepha ngokokuqala ngqa sekukhona ukunxuswa – futhi icala lingaqala.

Uphinde wabekwa amacala okuzama ukubulala ayisikhombisa, namacala amathathu okukhwabanisa.

Amanye amacala engezwe ngoMfumfu ngowezi-2020.

UNdlovu uvele kafushane eNkantolo eNkulu yaseGoli ngoLwesihlanu. Ulinganiselwa ukuthi wathola imali engaphezulu kwezigidi esiyi-R1,7 ngokukhokhelwa komshwalense.

Ngokusho komphenyi wecala uKeshi Benneth Mabunda, uNdlovu utshele inkantolo ngommeli wakhe we-Legal Aid ukuthi unecala lokubulala.

UMabunda uthe kunabanye ofakazi abebephumela obala bezofakaza ngaye.

Kwabashonile kukhona udadewabo, okusolwa ukuthi wamthathela izinqubomgomo ezingabiza imali eyizi-R700,000 ngaphambi kokumbulala.

USergeant Mabunda ungumphenyi wesibili kuleli cala ngemuva kokuthi uConstable Zulu etshele iNkantolo yeMantshi yase-Tembisa ukuthi ngeke akwazi ukuqhubeka necala.

UDetective uZulu ukhalile enkantolo ngenkathi elandisa ngamacala okusolwa ukuthi enziwa nguNdlovu.

UNdlovu waboshwa ngosuku okwakusolwa ukuthi wayehlela ukubulala ngalo udadewabo nezingane e-Bushbuckridge, eMpumalanga – emkhankasweni wophiko lobugebengu obuhleliwe eGoli, olwaqopha itulo lakhe lokubulala.

Ekubonakaleni kwakhe okuningi enkantolo, uRosemary ubonakale epholile futhi engakhathazekile.

“NgoLwesihlanu, ngicabanga ukuthi iqiniso limshayile. Wayebukeka ethukile futhi ekhathazekile. Ngicabanga ukuthi wenze ukuthula futhi uyazi ukuthi ngeke enqobe ngaleli cala,” kusho uMabunda.

Icala lihlelelwe umhla ziyi-19 kuNtulikazi kuya kumhla zingama-20 ku-Ncwaba eNkantolo eNkulu yase-Palmridge e-Kurhuleni. 

Izihloko zakamuva