Everson Luhanga
IBanyana Banyana yamukelwe njengamaqhawekazi ngesikhathi ibuya nesicoco se-Women’s Africa Cup of Nations (Wafcon) ngoLwesibili.
Isikhumulo sezindiza i-OR Tambo International besipendwe ngombala obomvu, oluhlaza okotshani, oluhlaza okwesibhakabhaka kanye nophuzi kanti inqwaba yabantu bakuleli abavela emasikweni ahlukene bebegqoke umbala owodwa wefulegi lakuleli.
Bekungebona kuphela abalandeli bebhola abafike esikhumulweni sezindiza. Abathandi bezemidlalo jikelele bebekhona. Bekukhona nabalandeli bekhilikithi kanye nabebhola lombhoxo ababonakale bedansa bejabulela ukufika kweBanyana.
Abadansi besintu bezizwe ezehlukene bebeklelile bejabulisa izinkumbi zabantu abebejabulela ompetha.
ULizzy Khensani Sithole wase-Alexandra uthe ungumlandeli omkhulu webhola futhi ungumlandeli weBanyana.
“Ngiyaziqhenya ngokuba yisakhamuzi sakuleli. Asikwazanga ukulinda ukuthi ilanga liphume ukuze size esikhumulweni sezindiza,” esho.
“Sifike lapha ngabo-8 ekuseni. Ngiyalithanda iqembu lethu lebhola lezinyawo labesifazane.”
URasta oyiciko kwezokudweba ogama lakhe langempela uLebani Sirenje, upende uDesiree Ellis futhi unethemba lokuthi lo mdwebo uzowudlulisela kumqeqeshi weBanyana Banyana.
URasta, ohlala e-Berea enkabeni yedolobha laseGoli, usheshe wafika ukuze aqinisekise ukuthi akaphuthelwa yilo mcimbi okhethekile.
Abantu abebefika kuleli babenethuba lokubona ingxenye yalo mcimbi njengoba abalandeli bebekikiza, bejabule futhi beshayela wonke umuntu ongena ngeminyango ihlombe.
Ukukhala kwamakhwela nomsindo wamavuvuzela bekuyimisindo emnandi wonke umpetha angathanda ukuyizwa uma ebuyela kwelakubo.
Kodwa-ke, abezokuphepha bebengazibekile phansi. Bekukhona inqwaba yamaPhoyisa kaMasipala wase-Ekurhuleni kanye nawakwa-SAPS.
Elakuleli lihlule osokhaya i-Morocco ngo 2-1 ngoMgqibelo ukuze liwine isicoco sase-Afrika okokuqala ngqa emdlalweni walo wamanqamu wesithupha.