Zilungiselele ukukhombisa ulwazi lwakho lwebhola lomnqakiswano ukuze ube sethubeni lokuwina imiklomelo ethokozisayo emqhudelwaneni wethu weNdebe yoMhlaba yomnqakiswano!
Ukuze ubambe iqhaza, cindezela isibuyekezo seNdebe yoMhlaba yomnqakiswano ngaphansi kwekhasi lokuqala le-Scroll Data.Lite bese uphendula lo mbuzo ngendlela efanele: Ubani ozowina iNdebe yoMhlaba yomnqakiswano ezoba eKapa, kuleli?
Konke okufakiwe okulungile kuzofakwa emgqeni wenhlahla ukuze uwine imiklomelo emihle. Futhi qagelani? Umklomelo ophezulu i-Volkano True Wireless Earphones, i-Aquarius Series ukuthuthukisa umuzwa wakho wokulalela.
Ababili abaphume phambili abanenhlahla bazophinde bathole amavawusha e-airtime ka-R100.
Hlala ubukele imidlalo njengoba sizomemezela abaphumelele ngemuva kokuphela kweNdebe yoMhlaba yebhola lomnqakiswano. Abawinile bazothintwa ezinombolweni zocingo abanikezane ngazo.
Usuku lokuvalwa lokungenela lo mncintiswano iSonto ngomhlaka-30 kuNtulikazi.
Sebenzisa leli thuba ukuziwinela imiklomelo emangalisayo ngesikhathi ugubha iNdebe yoMhlaba yebhola lomnqakiswano eKapa.