Celani Sikhakhane
Umakadebona we-ActionSA, uDkt Makhosi Busisiwe Khoza, uthi uphoqeleke ukuthi asule esikhundleni sokuba nguSihlalo wesikhashana weqembu ngoba iqembu lakhe lamkhokhisa u-R52,000 wemali yokhetho.
Umangaze abaningi uDkt Khoza ngesonto eledlule ngesikhathi iqembu limemezela ukuthi usenqume ukuhoxa njengomholi weqembu esifundazweni.
Umholi weqembu uHerman Mashaba engxoxweni abe nayo ngeSonto ne-Newsroom Afrika uthe uDkt Khoza unqume ukuhoxa esikhundleni ukuze agxile esikhundleni sakhe esisha sobukhansela kuMasipala weTheku njengosihlalo we-akhawunti kamasipala.
Kodwa ngoMsombuluko uDkt Khoza uthe akusona isizathu esimenze waphoqeleka ukuthi asule esikhundleni.
UDkt Khoza uqale wathi “ngesikhathi silungiselela ukhetho lohulumeni basekhaya, saphakamisa uMnu Musa Kubheka esikhundleni sokuba yiMeya ye-ActionSA eThekwini”.
“Iqembu libe selithatha isinqumo sokukushintsha lokho labeka mina …ukuba ngibe ubuso balo kanye nokuthi ngingenele isikhundla sobuMeya ukuze sithole amavoti aseThekwini”.
Uqhube wathi iqembu lihlulekile ukumtshela ukuthi isabelomali sokhetho sizofakwa emalini yakhe, futhi kuzomele leyo mali ikhokhwe ezinyangeni ezintathu.
“Bangitshela… ukuthi ngiboleke imali engu-R52,000 esetshenziswe ngesikhathi ngikhankasela ukuba iMeya yeTheku obekudingeka ukuthi ikhokhwe ezinyangeni ezintathu,” usho kanje.
UDkt Khoza uphinde wathi ubuholi be-ActionSA bucele wonke amakhansela ayo ukuthi asayine isivumelwano sokuthi iqembu lizodonsa u-10% emiholweni yawo.
Kumanje uyakungabaza ukuthi uzokwazi ukusebenza kahle ngokwezimali njengoba engumfelokazi onemindeni nezingane ezithembele kuye ngokwezimali. Uthi yingakho enqume ukuhoxa ekuholeni iqembu.
Akusiye yedwa uDkt Khoza oyilungu le-ActionSA elisanda kwehla esikhundleni. Elinye ikhansela e-Newcastle, uMnu Faizal Cassim, ubuyiselwe esikhundleni njengoSotswebhu weqembu ngenxa yezinsolo zoqhekeko eKZN.