Lubhalwe nguSongeziwe Mapukata
Uthisha osemncane wase-Eastern Cape obhekene namacala amabili okudlwengula usephelelwe umsebenzi futhi ubhekene nokubhadla ejele iminyaka engu-15.
Lo thisha (26) wesule emsebenzini ngesikhathi umqondisi wezeMfundo wesifunda elungiselela ukumqondisa izigwegwe.
Umqondisi wesifunda sase-Alfred Nzo West, uMonwabisi Mbangeni utshele i-Scrolla.Africa ukuthi noma yimuphi uthisha obhekene namacala anzima kangaka uyaye axoshwe futhi uyavinjelwa ukuthi angaphinde afundise.
Ngesonto eledlule amantombazane amabili afunda umatikuletsheni esikoleni samabanga aphezulu iNtsizwa, EmaXesibeni avulele uthisha amacala okudlwengula waboshwa.
Enye yamantombazane iye yakhulelwa futhi isanda kukhipha isisu ngoba ifuna ukuya enyuvesi ngonyaka ozayo.
Uthisha ungaphandle ngebheyili ka-R5 000. Eminye yemibandela yebheyili ukuthi akumele aye esikoleni nokuthi kumele asuke esifundeni sase-Mount Ayliff aye e-Matatiele eqhele ngamakhilomitha angu-150.
Ukuqulwa kwecala kuhlehliselwe umhlaka-27 kuMasingana ngo-2023.