Ama-headphone ka-DJ 1D asethule ingunaphakade, UDJ weKaya FM nobengusomabhizinisi uMzwandile Nzimande ushone ngoLwesithathu.
Waziwa emoyeni njengoDJ 1D, obengumsunguli wengqephu edumile yohlobo lwezimpahla zasemgwaqweni nohlobo lwendlela yokuphila i-Loxion Kulca, ushone eneminyaka engamashumi amane nane.
Kubikwa ukuthi ubulewe yi-Covid, kodwa umndeni wakhe awukuqinisekisanga lokhu.
Umphathi wezinhlelo osabambile uNcebekazi Manzi uthe, abasebenzi, ozakwabo kanye nabangani kulesi siteshi baphethwe umunyu. “Ubengumuntu onemfudumalo, obeluleka futhi esiza abantu abaningi ngemisebenzi yabo kwezamabhizinisi nasemisakazweni. UWandi sizomkhumbula kakhulu kuleli bhilidi,” kusho uNcebekazi.
UDJ 1D ubesehlale iminyaka eyishumi kwiKaya FM kanti futhi lo msakazo ubuhlela ukugubha lokhu ngosuku lokugubha ukujoyina kwakhe ngoNtulikazi. “Kodwa ukufa kutshintshe konke lokho,” kusho uNcebekazi.
Ubuye wachaza uWandi njengomuntu oxoxa izindaba nothanda umculo wesintu. “Ubengumuntu othanda ubuciko futhi ubenguDJ onothando. Wayeyinqolobane yomculo wesintu futhi elithanda isiko lakhe”.
Uthe, izingoma ezixubile ezimnandi zikaDJ 1D zifaka phakathi nokushona kukaMama uWinnie Mandela.
Osebenza naye futhi ongumngani esiteshini uthe: “Ubengomunye wabantu abathobekile engike ngahlangana nabo. Wayehlala njalo efuna ukukhulisa ithalente elincane. Ubehlale emamatheka njalo.”
Umthombo wesithombe: Kaya FM