Sizwe Sibiya
Owadla umhlanganiso ku-Miss USA 2019 uCheslie Kryst ushonile ngemuva kokugxuma esuka ebhilidini elinezitezi ezingu-60 e-Manhattan, e-New York.
Ngokwemibiko yamaphoyisa, lo wesifazane oneminyaka engu-30 ubudala ugxume esuka “ebhilidini eliphezulu” ekuseni ngeSonto ngomhlaka-30 kuMasingana.
Njengoba awina umncintiswano wonobuhle, uCheslie ubeyisishoshovu futhi engummeli owasiza amakhasimende akhe mahhala ukuthi athole izigwebo ezincane ejele.
Uphinde wasebenza njengombhali wezindaba zohlelo i-ExtraTV, futhi yisona kanye lesi siteshi esiqinisekise izindaba zokushona kwakhe esitatimendeni esihlanganise nomndeni wakhe. Umndeni nozakwabo bamchaze njengomuntu obenothando.
“UCheslie ukhombise uthando futhi wasebenzela abanye, ngomsebenzi wakhe njengommeli obelwela ubulungiswa bezenhlalakahle, njengoMiss USA kanye nomsingathi we-Extra,” kufundeka isitatimende esishicilelwe yi-CNN.
Ngenkathi uZozibini Tunzi owadla umhlanganiso kaMiss South Africa 2020 ezwa lezi zindaba, naye wabelane ngamazwi akhe enduduzo ku-Instagram.
“Cheslie mngani wami, ngiphatheke kabi. Angizange ngibuthi qothu, ngibambe ongezansi angizikholwa lezi izindaba futhi ngizama ukuqonda okwenzakalayo,” kubhala uTunzi, ongumngani omkhulu kaCheslie futhi owake wahlala endlini eyodwa naye e-Kryst’s.
“Ungimangazile Ndlovukazi. Angikakakulungeli ukuhlala emhlabeni ngaphandle kwakho,” kubhala uZozibini, owahlangana noCheslie okokuqala ngqa kwi-New York Fashion Week ngo-2019.
Umthombo wesithombe: Instagram