Wendele koyisemkhulu obeyisihlabani se-jazz uGloria Bosman

Isihlabani somculi we-jazz esiphinde sibe umbhali wezingoma uGloria Bosman wedlule emhlabeni ngoLwesibili ngemuva kokugula isikhashana.

Lo mculi (50) wakhipha izingoma zakhe eziningi ngasekupheleni kwango-1990 nango-2000.

Ukushona kwakhe kubikwe i-Sunday World ngoLwesibili ntambama.

Isihlabani somculo we-jazz uSipho Hotstix naye uqinisekise lezi zindaba enkundleni yezokuxhumana wahlonipha uBosman.

Ngenyanga edlule uBosman umenyezelwe njengelungu lebhodi labaqondisi be-Southern African Music Rights Organisation (Samro).

UBosman owazalelwe e-Soweto wahlanganyela nabaculi abaningi ezinhlobeni ezahlukene zomculo. Ngaphandle kwe-jazz waphinde wabamba iqhaza emculweni we-rock kanye nowezokholo emsebenzini wakhe.

Ubebuye abe umdidiyeli odumile, umqambi kanye nomethuli wezinhlelo.

UBosman wake washiyelana inkundla nezingwazi zomculo okubalwa kuzo uHugh Masekela, uSibongile Khumalo kanye noSipho Mabuse.

Wawina izindondo ezimbalwa kuwo wonke umsebenzi wakhe nge-albhamu yakhe yokuqala ethi-Tranquility eyawina indondo kuma-South African Music Awards.

UBosman ushiye emhlabeni indodakazi yakhe nomzukulu.

Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt

Esithombeni esingenhla: UGloria Bosman

Umthombo wesithombe: Gloria Bosman website

Izihloko zakamuva