Celani Sikhakhane
Owake waba nguMengameli wezwe uJacob Zuma usephinde wehlelwa ngenye ingozi engeqiwa ntwala ngemuva kokulahlekelwa ngumfowabo asondelene naye kakhulu, oshone ngemuva kokugula isikhathi eside.
UMichael Zuma, owaba ngumkhulumeli womndeni ngemuva kokuba uZuma ekhethwe ukuba nguMengameli waseNingizimu Afrika, ushonele esibhedlela iNtunjambili eNkandla.
Izindaba zokudlula kwakhe emhlabeni zifike ngesikhathi esibi njengoba umndeni usabhekene nokuboshwa kwalowo owayeyinhloko yezwe ngesonto eledlule ngoLwesithathu.
I-Scrolla.Africa sikhulume namalungu omndeni abelibangise ekhaya likaMichael, elakhelene eduze nelikamfowabo eNkandla, ukuyobhonga emswaneni.
“Yize siqonda ukuthi ubesenesikhathi eside egula, kodwa kubuhlungu kakhulu. Siphatheke kabi ezinhliziyweni futhi asikwazi ngisho nokuchaza ubuhlungu esibuzwayo njengamanje. Manje sesisendleleni ebheke kwakhe,” kusho omunye oyilungu lomndeni elingathandanga ukuzidalula.
Okhulumela iJacob Zuma Foundation uMzwanele Manti, uthe ngeSonto usalinde umndeni ukuthi uhlangane ukuze akwazi ukuqinisekisa noma akhiphe isitatimende.