Wembuleke izinqa uMengameli

Ushelwe ngamanzi uMengameli waseMelika uDonald Trump ngenkathi intatheli imubuza ukuthi engabe uyazisola yini ngamanga awatshela abantu baseMelika

Ngesikhathi exoxa nabezindaba ngoLwesine uS V Dàte wephephandaba i-Huffington Post ubuzile:  “Babu Mengameli,ngemuva kweminyaka emithathu nohhafu, ingabe uyazisola yini ngakho konke, wonke amanga osuwenzile kubantu baseMelika?”

“Konke ini?”

“Lokho okwenziwe ngubani?” Yileyo kuphela impendulo yakhe, ngaphambi kokuthi uTrump edlulele komunye umbuzi.

UTrump usekhulume  amanga angaphezulu kwayizi-20,000 ngesikhathi sobongameli bakhe, ngokuya nge-Washington Post.

UDàte utshele abephephandaba i-The Guardian ukuthi uselinde iminyaka emihlanu yonke ukubuza uTrump ngala manga akhe.

Izihloko zakamuva