Wehlelwe inhlanhla engandele bani osolwa ngokugqugquzela uthuthuva olwasuka ngoNtulikazi

Celani Sikhakhane

Omunye walabo ababesolwa ngokugqugquzela uthuthuva olwasuka ngoNtulikazi usegixabezwe ngesikhundla esiphezulu kwesinye sezifunda ze-ANC KwaZulu-Natali.

UMnu uNhlanhla Mampintsha Nkosi uqokwe njengePhini likaNobhala esiFundeni iJosiah Gumede ngaphansi kwesiFunda sasoThukela.

UNkosi waqala ukuba sematheni ngoNtulikazi ngemuva kokuboshwa ngezinsolo zokugqugquzela udlame eMnambithi ngesikhathi kuqubuka izinxushunxushu ezweni lonke. Wabe esededelwa ngebheyili ka-R1 500.

Lezi zinxushunxushu zaholela ekutheni abantu bazitapele ezitolo eziqavile eMnambithi, okubalwa kuzo inkampani i-Defy, i-Gun shop, i-Dunlop nezinye izitolo eziningi.

Kulezi zinxushunxushu, umgwaqo u-N11 oxhumanisa iKwaZulu-Natal, iMpumalanga kanye ne-Gauteng wawuvalwe ngamathayi avuthayo.

Ngesikhathi esephumile ejele, uNkosi uphinde waqala ukusebenza kuMasipala wase-Alfred Duma njengomphathi wokuthengwa kwempahla kumasipala (Supply Chain).

I-Democratic Alliance yacela ukuthi ehle esikhundleni kodwa isicelo sabo asizange siphumelele.

Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natali, uMnu uNhlakanipho Ntombela, uthe uNkosi angase aqokwe kodwa waqinisekisa ukuthi angeke avunyelwe ukuthi asebenze ngaphansi kwesikhundla sakhe esisha.

Umthetho weqembu elihamba phambili wokuhoxisa abantu ezikhundleni, usho ukuthi ngeke akwazi ukusebenza esikhundleni sakhe ngesikhathi esabhekene namacala obugebengu.

“Ngeke avunyelwe ukusebenza kuze kuphele udaba lwakhe enkantolo, nizokhumbula ukuthi lowo owayeyiMeya yase-Newcastle, uDkt uNtuthuko Mahlaba, waqokwa njengoSihlalo we-ANC ngesikhathi esabhekene necala lakhe,” kusho uNtombela.

“Nakuba ekhethiwe akazange abambe isikhundla sakhe njengoSihlalo we-ANC kwisifunda kwaze kwaba liyaphothulwa icala lakhe enkantolo.”

Izihloko zakamuva