Wamukelwe njengeqhawe umpetha welomphebezo wakuleli

Lubhalwe nguThathe Msimango

UDonald Ramphadi uthe uzizwe ehloniphekile futhi ekhethekile ukubona inqwaba yabalandeli befika bezomamukela njengeqhawe esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo ngoMsombuluko ebusuku.

Umdlali wakuleli ohamba ngesihlalo esinamasondo odlala ithenisi uwine isicoco se-French Open nozakwabo waseBrithani u-Andy Lapthrone ekuqaleni kwale nyanga. Lo mdlali (30) wase-Tzaneen, e-Limpopo uqophe umlando e-Roland Garros ehlula uHeath Davidson noRobert Shaw kowamanqamu.

“Ngibonga kakhulu ngothando nokwesekwa engikuthole emphakathini wezemidlalo wakuleli kanye nakumphakathi wonkana,” etshela i-Scrolla.Africa.

URamphadi wamukelwe uNgqongqoshe wezeMidlalo uZizi Kodwa, usihlalo we-Sascoc Athletics uKhotso kanye nelungu lebhodi le-Tennis South Africa uRobin Baloyi e-OR Tambo.

Njengoba ebekwe endaweni yesine emhlabeni uRamphadi ubesefomini encomekayo kulo nyaka. Uye waphuthelwa ukuwina isicoco sakhe sokuqala se-Grand Slam kowamanqamu we-Australian Open ngoMasingana.

Ngesonto eledlule ufinyelele kowandulela owamanqamu we-French Riviera Open obekuzoba isicoco sakhe sesihlanu kulo nyaka.

Kodwa-ke, uthe igugu lakhe abelilangazelela kakhulu bekuwukuwina i-French Open.

“Kuzoba isikhathi engisijabulela impilo yami yonke,” esho

Ubonge lonke iqembu, umqeqeshi kanye nabaphathi ngamagalelo abo empumelelweni yakhe.

Kulindeleke ukuthi umdlali wakuleli wesifazane ohamba ngesihlalo esinamasondo uKgothatso Montjane ophinde wawina isicoco se-French Open atheleke kuleli ngemuva kwesonto. Uzothola ukwamukelwa okufanayo ukubungaza impumelelo yakhe.

Esithombeni esingenhla: UDonald Ramphadi

Umthombo wesithombe: Team SA

Izihloko zakamuva