Lubhalwe nguZavela Makwabe
“Impela bekungelula futhi bekungewona umsebenzi engingawuthatha kancane.”
Lawa ngamazwi kaBrigadier Vimla Moodley wase-Eastern Cape, ophethe ithimba lakuleli elijutshwe ukuthi liyosiza ezweni lase-Turkey elicekelwe phansi ukuzamazama komhlaba ekuqaleni kwale nyanga.
Ukubuya kukaMoodley bekulindwe inqwaba yabantu abebedansa futhi bekhala esikhumulweni sezindiza i-King Phalo e-East London ngoMgqibelo.
Ufulathele elakuleli mhla ziyisishiyagalolunye kuNhlolanja njengomphathi wethimba lakuleli elikhethe ukuyosiza imindeni yase-Turkey eminingi elahlekelwe izihlobo zalo.
Injabulo ibibhalwe ebusweni kuMoodley ngesikhathi ehlika esikhumulweni sezindiza, kodwa uthi umsebenzi wamathimba abatakuli abavela emhlabeni wonkana usekude ukuphela.
“Iqiniso ukuthi abantu base-Turkey babhekene nobunzima obukhulu kusazodingeka kwenziwe umsebenzi omningi ukuze bathole usizo baphinde bazame ukwakha kabusha izindawo ezithintekile, bazodinga nokwesekwa kakhulu njengoba kushone othandiweyo babo ngesikhathi kuzamazama umhlaba,” kusho uMoodley etshela i-Scrolla.Africa.
“Thina esisenenhlanhla yokuphila ngaphandle kwezimo ezimbi kangaka kumele sithole isifundo ngalokhu siphinde sibonge uNkulunkulu ngokuthi siyaphila.”
Emsebenzini wakhe wansuku zonke uMoodley ungumphathi we-Police Emergency Services (PES) futhi akabhekeleli kuphela uphiko lwe-K-9 kanye ne-Divers, kodwa uphinde abhekelele namanye amathimba esifundazweni.
Abaphathi be-SAPS bajube uMoodley ukuthi ahole ithimba lakuleli le-K-9 ebelizosiza ukufuna nokutakula abantu abavaleleke ngaphansi e-Turkey ngemuva kokuzamazama komhlaba osekudlule nemiphefumulo engaphezu kuka-46,000.
Wamukelwe kuleli ozakwabo kanye namalungu omndeni kanye namaphoyisa esifundazwe endaweni yokuphumula ye-VIP esikhumulweni sezindiza.
IPhini likaKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni uMajor General Thandiswa Kupiso, uchaze uMoodley njengomunye wamagugu ase-Eastern Cape waphinde wamchaza njengowesifazane omangalisayo futhi onesibindi.
“Ubeke izwe lethu futhi ikakhulukazi isifundazwe ebalazweni lomhlaba. UBrigadier Moodley uyinxusa lethu elisifakazele sonke ukuthi i-Eastern Cape inamagugu okumele ahlomule kuleli kanye nasemhlabenj wonkana,” kusho uKapiso.
“Siyawubonga umndeni wakhe ngokumvumela ukuthi amukele isabelo esimnike sona ukuze ayosiza ezinye izizwe.”
UMoodley okhushulelwe irenki ngaphambi kokuba alifulathele elakuleli, uthe kuyamjabulisa ukubuyela ekhaya.
Isithombe esingenhla: UBrigadier Vimla Moodley owamukelwe njengeqhawe njengoba ebuyela kwelakuleli evela e-Turkey
Umthombo wesithombe: UZavela Makwabe