Celani Sikhakhane
Owayaziwa ngokukhuluma amaqiniso uBabita Deokaran wabulawa ngemuva kwamasonto amathathu ezame ukumisa imali evela esibhedlela sase-Tembisa eya kumholi we-ANC e-Ekurhuleni.
UDeokaran owayeyisikhulu esiphezulu sezimali eMnyangweni Wezempilo e-Gauteng wakhuluma ngokukhwabanisa emasontweni amathathu ngaphambi kokuba abulawe ngaphandle komuzi wakhe oseGoli. Uveze inkohlakalo eyenzeka ngesikhathi sobhubhane lwe-Covid-19.
I-News24 ibika ukuthi isikhulu se-ANC nomngani kalowo owayeyiMeya yase-Ekurhuleni uMzwandile Masina, uSello Sekhokho kuthiwa bahlomula ngamathenda oMnyango wezeMpilo adalulwa nguDeokaran.
Ngaphambi kokushona kukaDeokaran uMgcinimafa we-ANC e-Ekurhuleni uSekhokho wathola inkontileka ka-R2.3 million.
USekhokho wayenezinye izinhlangano ezintathu eziphakela isibhedlela sase-Tembisa ngezimpahla zokwelashwa, kodwa uDeokaran wayengazi ngalokho ngaleso sikhathi.
Uphenyo lwa-AmaBhungane Centre for Investigative Journalism luthole ukuthi inkampani kaSekhokho i-Kaizen Project yahlonzwa nguDeokaran njengenye yezinkampani ezingu-217 ezibandakanyeka kwinkohlakalo eyaphuma esikhwameni sesibhedlela i-Tembisa.
Ngenyanga eyodwa izimpahla nezinsiza zesibhedlela sase-Tembisa zathatha imali engu-R239 million okungu-25% ngaphezu kwesibhedlela i-Charlotte Maxeke Academic okuyisilinganiso esiphindwe kane.
UDeokaran wabikela isikhulu esiphezulu sezimali uLerato Madyo ngokusetshenziswa kwemali wacela ukuthi kuphenywe ngokushesha futhi kumiswe ukukhokhelwa kwesamba sika-R104 million.
UMadyo kuthiwa watshela uDeokaran ukuthi akhokhe imali futhi akugcine kuyimfihlo.
Kuma-imeyili ayewathumela kuzakwabo uDeokaran wathi uMadyo wayemyalele ukuthi akhokhele i-Kaizen.
“Babecela isigidi samarandi enkampanini ephethe imicimbi yezinto ezihlobene nokwelashwa. Kwenzeka kanjani ukuthi inkampani enkulu kangaka ingabi nayo iphrofayili yenkampani ku-inthanethi? ilenza kanjani ibhizinisi uma ingabonakali emphakathini?”
“Ngakugqamisa lokhu kwi-CFO uMadyo, kodwa waveza ukuthi kumele siqhubeke sibakhokhele,” ngokubhalwa kwemeyili.
UMadyo akatholakalanga ukuba aphawule ngokusho kwe-News24.
Abesilisa abayisithupha baboshiwe bathweswe amacala okubulala uDeokaran kanti uphenyo loKlebe ngomqashi wabo lusaqhubeka.
USello Sekhokho oneminyaka engu-37 okwiqembu lezepolitiki uxhumene kakhulu nowake wangenela isikhundla sokuba nguSihlalo we-ANC Youth League e-Gauteng futhi uhlobene kakhulu noMasina.
Ukhankase ngohlaka lwakhe ngesikhathi kunengqungquthela ye-ANC e-Eurhuleni ngoNhlaba kanti manje usehhovisi likaMgcinimafa Jikelele we-ANC esifundeni.