OwayenguNgqongqoshe wezeMpilo uZweli Mkhize uhola izintambo kwabaphikisana noCyril Ramaphosa kwi-ANC, kubhala uZukile Majova.
UZweli Mkhize usanda kuthola ukwesekwa amagatsha amaningi e-ANC KwaZulu-Natal, okuyisifundazwe esikhulu kunazo zonke ngobulungu.
Kodwa empeleni, uMkhize useneminyaka ecishe ibe ishumi manje engenela ukhetho lwezifunda ezinamandla ze-ANC e-Eastern Cape nokwaphakamisa igama lakhe ngesikhathi kuyiwa engqungqutheleni yokukhetha ubuholi ngo-2017.
Abasekeli bakaMkhize e-Eastern Cape baholwa ngowayenguNgqongqoshe wezemiSebenzi yoMphakathi uBabalo Madikizela ohlulwe embangweni wokuba uSihlalo wesifundazwe uNdunankulu u-Oscar Mabuyane ngoNhlaba ngamavoti amancane.
UMadikizela – ophuma emndenini kaWinnie Madikizela-Mandela eMbizana – usesulile kuhulumeni wesifundazwe ukuze ahlanganise ukwesekwa emagatsheni ngaphambi kwengqungquthela kazwelonke ngoZibandlela.
Iqembu likaMkhize e-Eastern Cape lakhiwe isifunda i-Alfred Nzo kanye nesifunda i-OR Tambo kanti lezi zifunda ziphethe amalungu amaningi kune-North West, i-Northern Cape kanye ne-Western Cape kuhlangene.
Abalandeli bakhe e-Eastern Cape batshele i-Scrolla.Africa ukuthi umkhankaso kaMkhize uqale ukusebenza kusukela ngoNhlolanja.
BekungoNhlolanja ngesikhathi igatsha laKwaXimba (isigceme sokuqala eThekwini) siqala ukuphumela obala ngomkhankaso waso wokuthi uMkhize angenele esobuMengameli.
Ngaleso sikhathi uSihlalo wegatsha uMbongi Hlonga wathi ihlandla lokuqala likaRamaphosa lizokhunjulwa “njengeminyaka emihlanu emoshiwe” ngoba uRamaphosa wehlulekile ukufeza izinqumo zengqungquthela yokugcina yokukhetha ubuholi beqembu.
Kuwo lowo mhlangano umgqugquzeli wesifunda seTheku uBheki Ntuli uyalele amagatsha ukuthi anxenxane kuze kube wukuthi iKwaZulu-Natal yonke ivuma uKhabazela (njengoba uMkhize aziwa kanjalo KwaZulu-Natal).
“Lesi sigceme sinomlando omude wokuqoka abaholi bakusasa be-ANC.
“Sahlangana kanjena ngesikhathi kuyiwa engqungqutheleni yase-Polokwane ngo-2007.
“Kwakuyingqungquthela enzima kakhulu kodwa salwa kanzima.
“Namanje siyafisa ukubona amaqabane ephuma egatsheni eya kwelinye igatsha kuze kube wukuthi izibalo zifinyelela ezingeni esilifunayo,” kusho uNtuli.
Ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal osebuvele buhlangene nesigungu esiphezulu sesifundazwe saseMpumalanga buhlangene nobuholi base-Eastern Cape eMthatha ngoMsombuluko.
UMkhize wesula kuhulumeni kaRamaphosa ngemuva kokuvezwa i-SIU ukuthi uhlomule ngethenda ka-R150 million eyatholwa inkampani yozakwabo boMnyango wakhe.
Kodwa ngokuhamba kwesikhathi ikomiti lephalamende lezokuziphatha kanye nezimfuno zamalungu liye lathola ukuthi uMkhize ngeke abandakanywe ebhizinisini lendodana yakhe ne-Digital Vibes, inkampani eyazuza amathenda emnyangweni kaMkhize.