UZwane uthembisa abalandeli beChiefs ikusasa elingcono

Lubhalwe nguMichael Madyira

Umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Arthur Zwane wenze isethembiso esikhulu njengoba efuna ukushweleza kubalandeli beChiefs abathukuthele “ngokuqinisekisa” ukubajabulisa nokuthi “bakhohlwe izinsuku ezifana nalezi.”

Leli qembu lase-Soweto lilungiselela ukuphetha umkhankaso lapho eliqophe khona irekhodi lalo elibi lokuhlulwa emidlalweni engu-11 ye-Premier Soccer League.

Kube isizini esabekayo; bazoqeda ngaphandle kwesicoco futhi ngeke bedlale emqhudelwaneni wamaqembu we-CAF ngesizini ezayo kodwa uZwane uthembisa ushintsho.

“Sibe nezikhathi ezimnandi nezimbi, sibe nezikhathi lapho esijabule khona,”  kusho uZwane kwabezindaba zeChiefs.

“Sibone izinto zisihambela kahle futhi sibe nezikhathi ezisenze sangalala ebusuku ngoba singayitholanga imiphumela esiyifunayo.

“Kube isikhathi sokufunda esinzima kakhulu. Kodwa futhi isizini umuntu angasho ngayo ukuthi eqenjini elisha lobuchwepheshe akukubi nhlobo.

“Sikubheke ngabomvu ukwenza izinto kangcono. Akukhapheli ngathi.”

Kodwa-ke, abalandeli beChiefs bengase bengavumelani nowayengumdlali wabo wasesiswini.

Babhalise intukuthelo nokuntula isineke ngokumjikijela ngemicibisholo ngempelasonto edlule ngemuva kokwehlulwa iSuperSport ngo 1-0 e-Rustenburg.

Ngemuva kokungaboni ngaso linye phakathi kukaZwane nabalandeli beChiefs lo mqeqeshi usenze isethembiso.

Bahlezi besemicabangweni yethu,” kusho uZwane.

“Sihlezi sifuna ukubajabulisa futhi nakanjani siyeza isikhathi lapho abazojabula khona kanti lapho abazojabula khona njengabanye bazozikhohlwa izinsuku ezinjengalezi.”

UZwane uzimisele ngokuthatha izinyathelo zokuqala ezifinyelela esithembisweni sakhe ngokushaya iCape Town City ngoMgqibelo aphinde asayine isizini ezoqala ngenothi lokuwina.

Esithombeni esingenhla: Umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Arthur Zwane

Umthombo wesithombe: Kaizer Chiefs

Izihloko zakamuva