Lubhalwe nguMichael Madyira
Njengoba kuyiwa emdlalweni owandulela owamanqamu we-Nedbank Cup ngoMgqibelo, umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Arthur Zwane akafuni ukuthatheka ngokudlala kwakamuva kwe-Orlando Pirates.
IChiefs isiwine imidlalo yayo emihlanu yokugcina ye-Soweto derby ibhekene nePirates okuhlanganisa nemibili kule sizini.
“Uyazi ebholeni awukwazi ukuthembela kakhulu kulokho okwenze phambilini,” kusho uZwane kwabezindaba.
“Yebo leyo midlalo sayiwina sibhekene nabo phambilini. Ikhuluma ngokuzilungiselela kwethu kahle kodwa umqeqeshi wePirates uJose Riveiro uthe kulokhu kuzoba iPirates ehlukile,” esho.
“Kuzobonakala ngokuhamba kwesikhathi, yilokho engingakusho.”
IChiefs ilwela ukuwina isicoco sayo sokuqala sesiliva kusukela ngo-2015 kanti iPirates ifuna indebe yesibili kule sizini ngemuva kokuwina eye-MTN8 ekuqaleni kwesizini.
Kuyathakazelisa ukuthi iPirates yagcina ukuhlulwa kowe-Soweto Derby ngesikhathi iguqiswa iChiefs ngo 1-0 ngoNhlolanja.
Kusukela lapho iPirates ayikaze ihlulwe njengoba isiwine imidlalo eyisishiyagalombili yadlala owodwa ngokulingana.
“Sesiwine cishe imidlalo eyisithupha kulandelana uma ngingaphosisi,” kusho uZwane.
“Abadlali bakhombisa ukuzethemba kodwa bazi kahle ukuthi badlala neqembu leKaizer Chiefs elilimele.”
IChiefs iya emdlalweni wangoMgqibelo isanda kushaywa ngo 2-1 iSwallows FC ngoMsombuluko kanti umqeqeshi weChiefs akafuni lokho kuphazamise abafana bakhe.
“Siya enkundleni yezemidlalo i-FNB ukuyowina umdlalo akukho okunye,” kusho uZwane.
IChiefs iyiqembu elidle umhlanganiso kwi-Nedbank Cup ngezicoco ezingu-13 kanti ilandelwa iPirates esiwine lesi sicoco amahlandla ayisishiyagalombili.
Esithombeni esingenhla: UYusuf Maart weKaizer Chiefs ebhekene nenselelo yomdlali wasemuva we-Orlando Pirates uTapelo Xoki no-Innocent Maela
Umthombo wesithombe: Kaizer Chiefs